UHOSEYA 9
Isiprofetho ngokuthunjwa 1 Ungajabuli, Israyeli, kube ngukuthokoza njengokwabezizwe, ngokuba umukile kuNkulunkulu wakho ngokufeba, wathanda inkokhelo kuzo zonke izibuya zamabele. 2 Isibuya nesikhamo sewayini akuyikubafunza, iwayini elisha liyakumkhohlisa. 3 Abayikuhlala ezweni…