UDANIYELI 1

Ukuthunjwa nokufundiswa kukaDaniyeli nabangane bakhe 1 Ngomnyaka wesithathu wokubusa kukaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, kwafika uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, eJerusalema, walivimbezela. 2 INkosi yanikela esandleni sakhe uJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nenxenye yezitsha zendlu kaNkulunkulu,…

UDANIYELI 2

Iphupho likaNebukadinesari 1 Ngomnyaka wesibili wokubusa kukaNebukadinesari uNebukadinesari waphupha amaphupho; umoya wakhe wakhathazeka, nobuthongo bakhe bambalekela. 2 Yayisiyaleza inkosi ukuba kubizwe izanusi, nabathwebulayo, nabalumbi, namaKaledi ukuba bachazele inkosi amaphupho ayo….

UDANIYELI 3

Isithando somlilo ovuthayo 1 UNebukadinesari, inkosi, wenza isithombe segolide, ubude baso buyizingalo ezingamashumi ayisithupha, ububanzi baso buyizingalo eziyisithupha, wasibeka ethafeni laseDura esifundeni saseBabele. 2 UNebukadinesari inkosi wayesethumela ukubutha izikhulu, nababusi,…

UDANIYELI 4

Iphupho likaNebukadinesari ngomuthi 1 UNebukadinesari inkosi kubo bonke abantu, nezizwe, nezilimi ezakhe emhlabeni wonke: ukuthula makuvame kinina. 2 Bekukuhle kimi ukwazisa izibonakaliso nezimangaliso uNkulunkulu oPhezukonke azenzile kimi. 3 Yeka ubuningi…

UDANIYELI 5

Idili likaBelishasari 1 UBelishasari inkosi wenzela izinduna zakhe eziyinkulungwane idili, waphuza iwayini ngaphambi kwaleyo nkulungwane. 2 UBelishasari esalinambitha iwayini wayaleza ukuba kulethwe izitsha zegolide nezesiliva, uNebukadinesari uyise ayezikhiphe ethempelini laseJerusalema,…

UDANIYELI 6

UDaniyeli usemphandwini wezingonyama 1 Kwaba kuhle kuDariyu ukubeka phezu kombuso izikhulu eziyikhulu namashumi amabili ebeziyakuba sembusweni wonke. 2 Phezu kwazo wamisa abongameli abathathu, uDaniyeli engomunye wabo, ukuba izikhulu zibike kubo,…

UDANIYELI 7

Izilo ezine nendodana yomuntu 1 Ngomnyaka wokuqala kaBelishasari, inkosi yaseBabele, uDaniyeli wabona iphupho nemibono yekhanda lakhe embhedeni wakhe, waliloba iphupho, walanda inhloko yezindaba. 2 UDaniyeli wathatha wathi: “Ngabona embonweni wami…

UDANIYELI 8

Inqama nempongo 1 Ngomnyaka wesithathu wokubusa kwenkosi uBelishasari kwabonakala kimi mina Daniyeli umbono emva kwalokho okwabonakala kimi kuqala. 2 Ngabona embonweni; kwase kuthi ekuboneni kwami ngangiseShushani endlini yenkosi esifundeni sase-Elamu;…

UDANIYELI 9

Umkhuleko kaDaniyeli 1 Ngomnyaka wokuqala kaDariyu indodana ka-Ahashiveroshi, wozalo lwamaMede, owabekwa inkosi phezu kombuso wamaKaledi, 2 ngomnyaka wokuqala wokubusa kwakhe mina Daniyeli ngaqonda ngezincwadi umumo weminyaka elakhuluma ngawo izwi likaJehova…

UDANIYELI 10

Ukulwa kwemibuso 1 Ngomnyaka wesithathu kaKoresi, inkosi yasePheresiya, uDaniyeli ogama lakhe labizwa ngokuthi uBeliteshasari wambulelwa izwi; izwi laliqinisile, lalingukulwa okukhulu; waliqonda izwi, waqonda nombono. 2 Ngalezo zinsuku mina, Daniyeli, ngangilila…