UJEREMIYA 16

1 Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 2 “Awuyikuzithathela umfazi, ungabi namadodana namadodakazi kule ndawo.” 3 Ngokuba usho kanje uJehova ngamadodana nangamadodakazi azalwa kule ndawo, nangawonina abawabelethayo, nangawoyise abawazalayo kuleli zwe,…

UJEREMIYA 17

Isono sakwaJuda 1 “Isono sakwaJuda silotshiwe ngothi lwensimbi lokuloba; ngesihloko sedayimani* siqoshiwe ezibhebheni zezinhliziyo zabo nasezimpondweni zama-altare enu, 2 abantwana babo besakhumbula ama-altare abo nawo-Ashera* babo ngasemithini eluhlaza emagqumeni aphakemeyo….

UJEREMIYA 18

Umbumbi 1 Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, lithi: 2 “Suka wehlele endlini yombumbi, ngikuzwise khona amazwi ami.” 3 Ngehlela endlini yombumbi; bheka, wasebenza umsebenzi wakhe esondweni lokubumba. 4 Kepha isitsha…

UJEREMIYA 19

Isitsha esaphukileyo 1 Washo kanje uJehova, wathi: “Hamba uzithengele uphiso lwebumba lombumbi, uthathe amanye amalunga abantu namanye amalunga abapristi, 2 uphume, uye esigodini sendodana kaHinomu esingasesikhaleni seSango Lezindengezi, umemezele khona…

UJEREMIYA 20

1 UPhashuri indodana ka-Imeri umpristi owayengumbonisi omkhulu endlini kaJehova wamuzwa uJeremiya eprofetha ngalezo zinto. 2 UPhashuri wamshaya uJeremiya umprofethi, wamfaka esitokisini* esasingasesangweni lasenhla lakwaBenjamini elalingasendlini kaJehova. 3 Kwathi ngakusasa uPhashuri…

UJEREMIYA 21

Ukuxwayiswa kwenkosi uSedekiya 1 Izwi elafika kuJeremiya, livela kuJehova, ekuthumeni kwenkosi uSedekiya uPhashuri indodana kaMalikhiya noZefaniya indodana kaMahaseya, umpristi, kuye ethi: 2 “Ake usibuzele kuJehova, ngokuba uNebukadinesari inkosi yaseBabele usihlasele;…

UJEREMIYA 22

Iziprofetho ngamakhosi akwaJuda 1 Usho kanje uJehova, uthi: “Yehlela endlini yenkosi yakwaJuda, ukhulume khona leli zwi, 2 uthi: ‘Yizwa izwi likaJehova, nkosi yakwaJuda, ohlezi esihlalweni sobukhosi sikaDavide, wena nezinceku zakho…

UJEREMIYA 23

Ukufika kwenkosi elungileyo 1 “Wo kubo abelusi abachitha, bazihlakaze izimvu zedlelo lami!” usho uJehova. 2 Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngabelusi abelusa abantu bami, uthi: “Nihlakazile izimvu zami, nazixosha,…

UJEREMIYA 24

Amaqoma amabili amakhiwane 1 UJehova wangibonisa amaqoma amabili amakhiwane ebekwe phambi kwethempeli likaJehova, uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, esethumbile uJekoniya indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nezikhulu zakwaJuda, nezinyanga zomsebenzi, nabakhandi, wabasusa eJerusalema, wabayisa…

UJEREMIYA 25

Isiprofetho ngokunqoba kukaNebukadinesari 1 Izwi elafika kuJeremiya ngabantu bonke bakwaJuda ngomnyaka wesine kaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, ongumnyaka wokuqala kaNebukadinesari, inkosi yaseBabele, 2 alikhulumayo uJeremiya umprofethi kubo bonke abantu bakwaJuda…