U-ISAYA 52

1 Vuka, vuka, wembathe amandla akho, Siyoni, uzigqoke izingubo zakho ezinhle, Jerusalema, muzi ongcwele, ngokuba akusayikungena kuwe ongasokile nongcolileyo. 2 Zithintithe uthuli, usukume, uhlale, Jerusalema elithunjiweyo; zikhulule eziboshweni zentamo yakho…

U-ISAYA 53

1 Ngubani owakholwa ngesikuzwileyo; ingalo kaJehova yambulelwa bani na? 2 Ngokuba yakhula njengehlumela phambi kwakhe, nanjengempande emhlabathini owomileyo; yayingenasimo nabuhle ukuba siyibuke, yayingabukeki ukuba siyifune. 3 Yayideleliwe, yashiywa ngabantu, umuntu…

U-ISAYA 54

IJerusalema elisha 1 “Jabula wena nyumba, wena ongazalanga, uqhumuke ngokuhlabelela, umemeze wena ongabanga namihelo, ngokuba abantwana boyisikhwebu baningi kunabantwana bonendoda,” usho uJehova. 2 “Yenza ibe banzi indawo yetende lakho; mabazelule…

U-ISAYA 55

Isimemo sokusindiswa 1 “We nina nonke enomileyo, wozani emanzini; nani eningenamali wozani nithenge, nidle; wozani nithenge ngaphandle kwemali, yebo, iwayini nobisi, kungabizwa lutho. 2 Niyichithelani imali kukho okungesiso isinkwa, nenzuzo…

U-ISAYA 56

Ukusindiswa kungokwabezizwe 1 Usho kanje uJehova, uthi: “Gcinani ukwahlulela, nenze ukulunga, ngokuba insindiso yami iseduze ukuba ifike, nokulunga kwami ukuba kwambulwe. 2 Ubusisiwe umuntu owenza lokhu, nendodana yomuntu ebambelela kukho,…

U-ISAYA 57

1 Olungileyo uyabhubha, akakho okubeka enhliziyweni; abantu abanomusa bayasuswa, kungaqondi muntu. Olungileyo uyasuswa ebubini, 2 angene ekuthuleni; abahambe ngobuqotho bayakuphumula emibhedeni yabo. 3 “Kepha sondelani nina madodana abahlola imihlola, inzalo…

U-ISAYA 58

Ukuzila okuyikho 1 “Memeza ngezwi elikhulu, ungazibambi, uliphakamise izwi njengecilongo, utshele abantu bami iziphambeko zabo, indlu kaJakobe izono zayo. 2 Nokho bangifuna izinsuku zonke, bathanda ukwazi izindlela zami; njengesizwe esenza…

U-ISAYA 59

Isono nokusindiswa 1 Bheka, isandla sikaJehova asifinyeziwe ukuba singasindisi, nendlebe yakhe ayinzima ukuba ingezwa. 2 Kepha ububi benu bunahlukanisile noNkulunkulu, nezono zenu zibusithile ubuso bakhe kini ukuba angezwa. 3 Ngokuba…

U-ISAYA 60

Inkazimulo ezayo yeSiyoni 1 “Vuka ukhanye, ngokuba ukukhanya kwakho kuyeza; inkazimulo kaJehova iphumela phezu kwakho. 2 Ngokuba bheka, ubumnyama buyasibekela umhlaba, nesigayegaye abantu; kepha uJehova uyaphuma phezu kwakho, nenkazimulo yakhe…

U-ISAYA 61

Ukusindiswa kweziboshwa 1 UMoya weNkosi uJehova uphezu kwami, ngokuba uJehova ungigcobile ukuba ngishumayele izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo; ungithumele ukubopha abanhliziyo ezaphukileyo, nokumemezela ukukhululwa kwabathunjwa nokuvulelwa kweziboshwa itilongo, 2 ngimemezele umnyaka womusa…