AMAHUBO 143

Ukukhala nokukhuleka Ihubo likaDavide. 1 Jehova, yizwa umkhuleko wami, ubeke indlebe ekuncengeni kwami; ungiphendule ngokuthembeka kwakho nokulunga kwakho. 2 Ungangeni ekwahluleleni nenceku yakho, ngokuba akukho muntu okhona olungile emehlweni akho….

AMAHUBO 144

Ukubonga nokucela ukusindiswa nempumelelo ElikaDavide. 1 Makabongwe uJehova, idwala lami, ofundisa izandla zami ukuhlasela neminwe yami ukulwa, 2 umusa wami nenqaba yami, umbhoshongo wami ophakemeyo nomkhululi wami, isihlangu sami, nengiphephela…

AMAHUBO 145

Ubukhulu nobumnene bukaJehova Indumiso kaDavide. 1 Ngiyakukuphakamisa wena Nkulunkulu wami, Nkosi, ngilituse igama lakho phakade naphakade. 2 Imihla yonke ngiyakukubonga, ngilidumise igama lakho phakade naphakade. 3 Mkhulu uJehova, umelwe ukudunyiswa…

AMAHUBO 146

Ukudumisa uJehova, umsizi olungileyo 1 Haleluya! Dumisa uJehova, mphefumulo wami. 2 Ngisaphila ngiyakumdumisa uJehova, ngihube kuNkulunkulu wami ngisekhona. 3 Ningethembi ezikhulwini nasendodaneni yomuntu okungekho kuyo ukusiza. 4 Umoya wakhe uyaphuma,…

AMAHUBO 147

Ukudumisa uJehova, uSomandla noMninimusa 1 Haleluya! Ngokuba kuhle ukuhlabelela kuNkulunkulu wethu, yebo, kumnandi; ukudumisa kufanele. 2 UJehova uyalakha iJerusalema; abaxoshiweyo bakwa-Israyeli uyababutha. 3 Uyaphilisa abenhliziyo echobozekileyo; izilonda zabo uyazibopha. 4…

AMAHUBO 148

Izulu nomhlaba makudumise uJehova 1 Haleluya! Dumisani uJehova ezulwini, nimdumise kweliphezulu. 2 Mdumiseni nina zingelosi zakhe zonke, nimdumise nina mabandla akhe onke. 3 Mdumiseni nina langa nenyanga, nimdumise nina zinkanyezi…

AMAHUBO 149

Dumisani uJehova 1 Haleluya! Hlabelelani kuJehova igama elisha, indumiso yakhe emhlanganweni wabangcwele. 2 U-Israyeli makathokoze ngowamEnzayo, abantwana baseSiyoni bethabele iNkosi yabo. 3 Mabadumise igama lakhe ngokusina, bamhubele ngesigubhu nehabhu.* 4…

AMAHUBO 150

Udumiso lukaNkulunkulu 1 Haleluya! Dumisani uNkulunkulu endlini yakhe engcwele, nimdumise emkhathini wakhe wamandla. 2 Mdumiseni ngenxa yezenzo zakhe zamandla, nimdumise ngenxa yobukhosi bakhe obukhulu. 3 Mdumiseni ngezwi lecilongo, nimdumise ngogubhu…

IZAGA 1

Umgomo wezaga 1 Nazi izaga zika Solomoni indodana kaDavide, inkosi yakwa-Israyeli, 2 zokwazi ukuhlakanipha nokulaywa, nokwahlukanisa amazwi okuqonda, 3 nokwamukela ukulaywa kube ngukuhlakanipha, nokulunga, nokwahlulela, neqiniso, 4 nokunika abangenalwazi ukuhlakanipha,…

IZAGA 2

Isibusiso sokuhlakanipha 1 Ndodana yami, uma wamukela amazwi ami, uzibekelele imiyalo yami, 2 ukuze ubeke indlebe yakho ekuhlakanipheni, uthobisele ekuqondeni inhliziyo yakho, 3 yebo, uma ukhala ngengqondo, uzwakalisa izwi lakho…