U-EZRA 8

Abakhuphuka no-Ezra 1 Nazi izinhloko zawoyise, nazi izizukulwane zabakhuphuka nami eBabele ekubuseni kuka-Aritahishashita inkosi: 2 Kumadodana kaFinehasi: nguGereshomu; kumadodana ka-Itamari: nguDaniyeli; kumadodana kaDavide: nguHathushi. 3 Kumadodana kaShekaniya, kumadodana kaPharoshi: nguZakariya;…

U-EZRA 9

Ukuhlangana kwabakwa-Israyeli nabezizwe 1 Kwathi sekuphelile lokho, izikhulu zasondela kimi, zathi: “Abantu bakwa-Israyeli nabapristi namaLevi abazahlukanisanga nabantu bezizwe nezinengiso zabo, ezamaKhanani, namaHeti, namaPherizi, namaJebusi, nama-Amoni, nabakwaMowabi, nabaseGibithe, nama-Amori. 2 Ngokuba…

U-EZRA 10

Abesifazane babezizwe bayalahlwa 1 U-Ezra esakhuleka, evuma izono ngokukhala, eziwise phansi phambi kwendlu kaNkulunkulu, kwabuthana kuye kuvela ku-Israyeli ibandla elikhulu kakhulu labesilisa nabesifazane nabantwana, ngokuba abantu bakhala ngokukhala okukhulu. 2…

UNEHEMIYA 1

Umkhuleko kaNehemiya ngabakwa-Israyeli 1 Amazwi kaNehemiya indodana kaHakaliya. Kwathi ngenyanga kaKhisilevi, ngomnyaka wamashumi amabili ngisendlini yenkosi yaseShushani, 2 kwafika uHanani omunye wabafowethu, yena nabantu bakwaJuda; ngababuza ngabaJuda ababesele besindile ekuthunjweni…

UNEHEMIYA 2

UNehemiya uvunyelwa ukuvusa izingange zaseJerusalema 1 Kwathi ngenyanga kaNisani ngomnyaka wamashumi amabili ka-Aritahishashita inkosi, iwayini liphambi kwakhe, ngaliphakamisa iwayini, ngalinika inkosi. Ngangingazange ngibiphe phambi kwayo. 2 Inkosi yathi kimi: “Ubuso…

UNEHEMIYA 3

Izingange namasango aseJerusalema kuyalungiswa 1 Kwasuka u-Eliyashibi umpristi omkhulu nabafowabo abapristi, balakha iSango Lezimvu, balingcwelisa, bamisa izivalo zalo, yebo, kwaze kwaba naseMbhoshongweni KaHameya ababewungcwelisa, kwaze kwaba naseMbhoshongweni KaHananeli. 2 Eceleni…

UNEHEMIYA 4

Izitha ziyabahlupha abakhayo 1 Kepha kwathi lapho uSanibalati esezwile ukuthi sabe siluvusa ugange, wathukuthela, wavutha ulaka, waklolodela abaJuda. 2 Wakhuluma phambi kwabafowabo nempi yaseSamariya, wathi: “Benzani laba baJuda abangenamandla na?…

UNEHEMIYA 5

UNehemiya usiza abampofu 1 Kwaba khona ukukhala okukhulu kwabantu nawomkabo ngabafowabo abaJuda. 2 Ngokuba babekhona abathi: “Thina namadodana ethu namadodakazi ethu sibaningi; masithole amabele ukuba sidle, siphile.” 3 Babe khona…

UNEHEMIYA 6

Amacebo ezitha ngoNehemiya 1 Kwathi lapho oSanibalati, noThobiya, noGeshemi wase-Arabiya, nezinye izitha sebezwile ukuthi ngivusile ugange nokuthi akusasele sikhala, noma ngaleso sikhathi ngangingakamisi izivalo emasangweni, 2 oSanibalati noGeshemi bathumela kimi,…

UNEHEMIYA 7

Ukumiswa kwabalindi 1 Kwathi lapho ugange selwakhiwe, sengimisile izivalo, futhi kubekiwe abalindisango nabahlabeleli namaLevi, 2 ngayaleza uHanani umfowethu noHananiya induna yendlu yenkosi ukuba baphathe iJerusalema, ngokuba wayengumuntu othembekileyo, wamesaba uNkulunkulu…