1 IZIKRONIKE 3

Abantwana bakaDavide: amakhosi akwaJuda; amadodana kaJekoniya 1 Laba babe ngamadodana kaDavide azalelwa wona eHebroni: izibulo ngu-Amnoni ku-Ahinohama umHizreyelikazi; owesibili nguDaniyeli ku-Abigayili umKarmelikazi; 2 owesithathu ngu-Abisalomu indodana kaMahakha indodakazi kaTalimayi inkosi…

1 IZIKRONIKE 4

Izizukulwane zikaJuda noSimeyoni 1 Amadodana kaJuda: ngoPheresi, noHesironi, noKarmi, noHure, noShobali. 2 URewaya indodana kaShobali wazala uJahati; uJahati wazala o-Ahumayi noLahadi. Leyo yayiyimindeni yamaSorati. 3 Yilaba abangabakayise ka-Etamu: oJizreyeli, no-Ishima,…

1 IZIKRONIKE 5

Isizwe sakwaRubeni nesakwaGadi nenxenye yakwaManase 1 Amadodana kaRubeni, izibulo lika-Israyeli ngokuba wayeyizibulo; kepha njengokuba wangcolisa umbhede kayise, ubuzibulo bakhe banikwa amadodana kaJosefa indodana ka-Israyeli, futhi akabhalwa ngezizukulwane njengezibulo. 2 Noma…

1 IZIKRONIKE 6

Isizwe sakwaLevi nemizi yaso 1 Amadodana kaLevi: ngoGereshoni, noKohati, noMerari. 2 Amadodana kaKohati: ngo-Amramu, noJisihari, noHebroni, no-Uziyeli. 3 Abantwana bakwa-Amramu: ngo-Aroni, noMose, noMiriyamu. Amadodana ka-Aroni: ngoNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari. 4…

1 IZIKRONIKE 7

Isizwe sakwa-Isakare, nesakwaBenjamini, nesakwaNafetali, nesakwaManase, nesakwa-Efrayimi, nesakwa-Asheri 1 Amadodana ka-Isakare: ngoThola, noPhuwa, noJashubi, noShimroni, bebane. 2 Amadodana kaThola: ngo-Uzi, noRefaya, noJeriyeli, noJahemayi, no-Ibisamu, noShemuweli, izinhloko zezindlu zawoyise, abakwaThola, amaqhawe anamandla…

1 IZIKRONIKE 8

Umndeni kaSawule wesizwe sakwaBenjamini 1 UBenjamini wazala uBela izibulo lakhe, no-Ashibeli owesibili, no-Ahara owesithathu, 2 noNoha owesine, noRafa owesihlanu. 3 UBela wayenamadodana: ngo-Adari, noGera, no-Abihudi, 4 no-Abishuwa, noNahamani, no-Ahowa, 5…

1 IZIKRONIKE 9

Abakhileyo eJerusalema; inkonzo yasethempelini 1 Wabhalwa-ke wonke u-Israyeli ngezizukulwane; bheka, balotshiwe encwadini yamakhosi akwa-Israyeli; uJuda wathunjelwa eBabele ngeziphambeko zakhe. 2 Abakhileyo kuqala emafeni abo emizini yabo babe ngu-Israyeli, nabapristi, namaLevi,…

1 IZIKRONIKE 10

Ukufa kukaSawule nokwamadodana akhe amathathu ekulweni namaFilisti 1 AmaFilisti alwa no-Israyeli; abantu bakwa-Israyeli babaleka phambi kwamaFilisti, bawa begwaziwe entabeni yaseGilibowa. 2 AmaFilisti axosha uSawule namadodana akhe; amaFilisti abulala oJonathani, no-Abinadaba,…

1 IZIKRONIKE 11

UDavide uyinkosi kwa-Israyeli wonke; uthatha iJerusalema 1 Wonke u-Israyeli wabuthana kuDavide, wathi: “Bheka, thina siyithambo lakho nenyama yakho. 2 Nangesikhathi esidlulileyo uSawule eseyinkosi, nguwe owakhipha nowangenisa u-Israyeli; uJehova uNkulunkulu wakho…

1 IZIKRONIKE 12

Amaqhawe kaDavide afika kuye ekuzingelweni kwakhe nguSawule 1 Nampa abafika kuDavide eSikilagi esagogobele ebusweni bukaSawule indodana kaKishi; babe phakathi kwamaqhawe, abasizi bakhe empini. 2 Babehlomile iminsalo, besebenzisa isandla sokunene nesokhohlo…