1 AMAKHOSI 20

U-Ahabi unqoba ama-Aramu kabili 1 UBeni Hadadi inkosi yase-Aramu wabutha yonke impi yakhe; wayenamakhosi angamashumi amathathu nambili, namahhashi, nezinqola; wenyuka, wavimbezela iSamariya, walwa nalo, 2 wathuma izithunywa ku-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli…

1 AMAKHOSI 21

Isivini sikaNaboti nokubulawa kukaNaboti 1 Kwathi emva kwalezo zinto uNaboti waseJizreyeli wayenesivini esasiseJizreyeli eceleni kwendlu yenkosi u-Ahabi, inkosi yaseSamariya. 2 U-Ahabi wakhuluma kuNaboti, wathi: “Ngiphe isivini sakho ukuba sibe yisivande…

1 AMAKHOSI 22

U-Ahabi uhlangana noJehoshafati 1 Bahlala iminyaka emithathu kungekho ukulwa phakathi kwe-Aramu no-Israyeli. 2 Kwathi ngomnyaka wesithathu uJehoshafati inkosi yakwaJuda wehlela enkosini yakwa-Israyeli. 3 Inkosi yakwa-Israyeli yathi ezincekwini zayo: “Niyazi ukuthi…

2 AMAKHOSI 1

Ukugula nokufa kuka-Ahaziya inkosi yakwa-Israyeli 1 UMowabi wahlubuka kwa-Israyeli emva kokufa kuka-Ahabi. 2 U-Ahaziya wawa eheleni lekamelo lakhe eliphezulu laseSamariya, wagula, wathuma izithunywa, wathi kuzo: “Hambani nibuze kuBali Zebubi unkulunkulu…

2 AMAKHOSI 2

U-Eliya uyamukelwa ezulwini 1 Kwathi lapho uJehova ebeyakumkhuphula u-Eliya aye ezulwini ngesivunguvungu, u-Eliya wasuka eGiligali no-Elisha. 2 U-Eliya wathi ku-Elisha: “Ake uhlale lapha, ngokuba uJehova ungithumile eBethele.” Kepha u-Elisha wathi:…

2 AMAKHOSI 3

UJehoramu uyinkosi kwa-Israyeli 1 UJehoramu indodana ka-Ahabi waba yinkosi kwa-Israyeli eSamariya ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili kaJehoshafati inkosi yakwaJuda, wabusa iminyaka eyishumi nambili. 2 Wenza okubi emehlweni kaJehova kepha kungenjengoyise nonina, ngokuba…

2 AMAKHOSI 4

Amafutha omfelokazi; u-Elisha nowesifazane waseShunemi 1 Kwakhala ku-Elisha owesifazane othile wabafazi bamadodana abaprofethi, wathi: “Inceku yakho, indoda yami, ifile; wena uyazi ukuthi inceku yakho yayimesaba uJehova; sekufike umtshelekisi ukuzithathela abafana…

2 AMAKHOSI 5

U-Elisha uphilisa uNahamani 1 UNahamani induna yempi yenkosi yase-Aramu wayengumuntu omkhulu phambi kwenkosi yakhe, otusekayo, ngokuba uJehova wayenikile i-Aramu ukunqoba ngaye; futhi wayeyiqhawe elinamandla, kepha wayenochoko. 2 Ama-Aramu ayephumile ngamaviyo,…

2 AMAKHOSI 6

U-Elisha nembazo elahlekileyo. Impi nama-Aramu 1 Amadodana abaprofethi athi ku-Elisha: “Bheka, indawo esihlezi kuyo phambi kwakho, siminyene kuyo. 2 Masihambe siye eJordani, sithathe khona, kube yilowo nalowo umshayo ube munye,…

2 AMAKHOSI 7

1 Wayesethi u-Elisha: “Zwanini izwi likaJehova; usho kanje uJehova, uthi: ‘Kusasa ngalesi sikhathi iseya* lempuphu ecolekileyo liyakuthengiswa ngeshekeli,* namaseya amabili ebhali* ngeshekeli esangweni laseSamariya.’ ” 2 Induna inkosi eyencika esandleni…