UDUTERONOMI 18

Imivuzo yabapristi 1 “Abapristi bamaLevi, yebo, sonke isizwe sakwaLevi asiyikuba nasabelo nafa kanye no-Israyeli; siyakudla iminikelo yomlilo kaJehova nefa lakhe. 2 Asiyikuba nafa phakathi kwabafowabo; uJehova uyifa laso, njengalokho ekhulumile…

UDUTERONOMI 19

Imizi yokuphephela 1 “Lapho uJehova uNkulunkulu wakho eyakunquma izizwe ezizwe lazo uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, bese wuzixosha, wakhe emizini yazo nasezindlini zazo, 2 uyakuzahlukanisela imizi emithathu phakathi kwezwe lakho…

UDUTERONOMI 20

Imithetho yempi 1 “Nxa uphuma impi ukuhlasela izitha zakho, bese wubona amahhashi, nezinqola, nabantu abaningi kunawe, ungabesabi, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe, yena owakukhuphula ezweni laseGibithe. 2 Kuyakuthi lapho nisondela…

UDUTERONOMI 21

Umthetho wokubulawa komuntu ongaziwayo 1 “Uma kufunyaniswa obuleweyo ezweni akunika lona uJehova uNkulunkulu wakho ukuba ulidle, elele endle, kungaziwa ukuthi ngubani ombuleleyo, 2 kuyakufika amalunga akho nabahluleli bakho, balinganise amabanga…

UDUTERONOMI 22

Ngokusiza 1 “Awuyikubona inkabi yomfowenu noma imvu yakhe iduka, ucashe kuzo; wozibuyisela nokuzibuyisela kumfowenu. 2 Uma umfowenu engeseduze nawe noma ungamazi, woziyisa endlini yakho zibe nawe, aze azifune umfowenu, uzibuyisele…

UDUTERONOMI 23

Abangavunyelwe ukungena ebandleni likaJehova 1 “Olimele emasendeni noma enqunyiwe umphambili akanakungena ebandleni likaJehova. 2 “Umntwana wesihlahla akanakungena ebandleni likaJehova, yebo, ongowakhe akayikungena ebandleni likaJehova kuze kube nasesizukulwaneni seshumi. 3 “Owakwa-Amoni…

UDUTERONOMI 24

Incwadi yesahlukaniso. Indoda ephinda iganwe 1 “Lapho umuntu ethatha umfazi, aganwe nguye, engasathandeki emehlweni akhe kodwa, lokhu efumanisile kuye okuthile okwenyanyekayo, uyakumlobela incwadi yesahlukaniso, amnike yona esandleni sakhe, amkhiphe endlini…

UDUTERONOMI 25

Imithetho yokujeziswa enkantolo; ubumnene kuzo izilwane ezisebenzayo 1 “Uma kukhona ukuxabana phakathi kwabantu, baye ukwahlulelwa, kuthethwe icala labo, bayakuyekela olungileyo, balahle onecala, 2 kuze kuthi uma onecala efanele ukushaywa, umahluleli…

UDUTERONOMI 26

Ulibo 1 “Kuyakuthi lapho usufikile ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe yifa lakho ukuba ulidle, wakhe kulo, 2 uthathe ulibo lwezithelo zonke zomhlaba olubuthayo ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika…

UDUTERONOMI 27

Izibhebhe zamatshe zomthetho 1 UMose namalunga akwa-Israyeli bayala abantu, bathi: “Gcinani yonke imiyalo esiniyala ngayo namuhla. 2 Kuyakuthi mhla niwela iJordani ukuya ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, uzimisele amatshe…