UNUMERI 4

Umsebenzi wamaLevi 1 UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi: 2 “Bala umumo wamadodana kaKohati phakathi kwamadodana kaLevi ngemindeni yawo nangezindlu zawoyise, 3 kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kufike kwabaneminyaka…

UNUMERI 5

Imithetho yokuhlanzeka kwekamu* 1 UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 2 “Yala abantwana bakwa-Israyeli ukuba bakhiphe ekamu* bonke abanochoko, nabo bonke abacucayo, nabo bonke abangcoliswe ngabafileyo, 3 nikhiphe abesilisa nabesifazane, nibakhiphele ngaphandle…

UNUMERI 6

Isithembiso somNaziri* 1 UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 2 “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa owesilisa noma owesifazane enza isithembiso esithile, isithembiso somNaziri,* ukuzahlukanisela kuJehova, 3 uyakuzahlukanisa newayini nophuzo olunamandla, angaphuzi…

UNUMERI 7

Izipho zezikhulu ezinikelelwa ithempeli 1 Kwathi ngosuku uMose aqeda ngalo ukumisa itabernakele,* waligcoba, walingcwelisa kanye nayo yonke impahla yalo, ne-altare, nazo zonke izitsha zalo, wazigcoba, wazingcwelisa, 2 izikhulu zakwa-Israyeli, izinhloko…

UNUMERI 8

Izibani zasothini 1 UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 2 “Yisho ku-Aroni, uthi kuye: ‘Nxa ubeka izibani, izibani eziyisikhombisa mazikhanyise ngaphambi kothi lwezibani.’ ” 3 U-Aroni wenze njalo; wabeka izibani zalo ukuba…

UNUMERI 9

Iphasika lasehlane 1 UJehova wakhuluma kuMose ehlane laseSinayi ngenyanga yokuqala yomnyaka wesibili, sebephumile ezweni laseGibithe, wathi: 2 “Futhi abantwana bakwa-Israyeli bayakugcina iphasika ngesikhathi salo esinqunyiweyo. 3 Ngosuku lweshumi nane lwaleyo…

UNUMERI 10

Amacilongo esiliva 1 UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 2 “Uzenzele amacilongo amabili esiliva, uwenze ngomsebenzi okhandiweyo, uwasebenzise ekubizeni inhlangano nasekusukeni kwamakamu.* 3 Nxa bewabetha, yonke inhlangano iyakubuthana kuwe ngasemnyango wetende lokuhlangana….

UNUMERI 11

Abakwa-Israyeli bayakhonona eThabehera 1 Kwathi abantu bakhonona, kwabakubi ezindlebeni zikaJehova; esekuzwile uJehova, yavutha intukuthelo yakhe; umlilo kaJehova washa phakathi kwabo, wabaqeda abasemkhawulweni wekamu.* 2 Abantu base bekhala kuMose; uMose wakhuleka…

UNUMERI 12

OMiriyamu no-Aroni bamelana noMose. UMiriyamu uyajeziswa 1 OMiriyamu no-Aroni bakhuluma bemelene noMose ngenxa yowesifazane wakwaKushe amthathile; ngokube wayethathile owesifazane wakwaKushe. 2 Bathi: “Imbala uJehova ukhulumile kuMose kuphela na? Akakhulumanga nakithi…

UNUMERI 13

Izinhloli eziyishumi nambili 1 UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 2 “Thuma wena abantu ukuba bahlole izwe laseKhanani engibanika lona abantwana bakwa-Israyeli; uthume umuntu waleso naleso sizwe sawoyise, kube yilowo nalowo abe…