KWABASE-EFESU 4
Ukwahlukana kweziphiwo zikaMoya nobunye bokukholwa 1 Ngakho mina siboshwa eNkosini ngiyanincenga ukuba nihambe ngokufanele ukubizwa enabizwa ngakho, 2 ngokuthobeka konke nobumnene, ngokubheka kade nokubekezelelana ngothando, 3 nikhuthalele ukugcina ubunye bukaMoya…