UHEZEKELI 41
1 Wayesengingenisa ethempelini, walinganisa izinsika, ububanzi buyizingalo eziyisithupha ngalapha, ububanzi buyizingalo eziyisithupha nangalapha, ububanzi betabernakele.* 2 Ububanzi bomnyango babuyizingalo eziyishumi; amacele omnyango ayeyizingalo eziyisihlanu ngalapha nezingalo eziyisihlanu ngalapha; walinganisa ubude…