UGENESISE 11

Umbhoshongo waseBabele 1 Umhlaba wonke wawunolimi lunye nokukhuluma kunye. 2 Kwathi ekusukeni kwabo empumalanga bafumana ithafa ezweni laseShineyari; bakha khona. 3 Base bethi omunye komunye: “Wozani, ake senze izitini, sizishisise.”…

UGENESISE 12

Ukubizwa kuka-Abrama 1 UJehova wathi ku-Abrama: “Phuma ezweni lakini, nasezihlotsheni zakho, nasendlini kayihlo, uye ezweni engiyakukukhombisa lona. 2 Ngiyakukwenza isizwe esikhulu, ngikubusise, ngenze igama lakho libe likhulu, wena ube yisibusiso….

UGENESISE 13

Ukwahlukana kuka-Abrama noLoti 1 U-Abrama wakhuphuka eGibithe kanye nomkakhe nakho konke anakho, uLoti enaye, waya ngaseningizimu. 2 U-Abrama wayefuyile kakhulu izinkomo, nesiliva, negolide. 3 Kuzo izinkambo zakhe wasuka eningizimu, wafika…

UGENESISE 14

Impi kaKedorlawomere 1 Kwathi emihleni ka-Amrafeli inkosi yaseShineyari, no-Ariyoki inkosi yase-Elasare, noKedorlawomere inkosi yase-Elamu, noTidali inkosi yezizwe, 2 baphaka impi noBera inkosi yaseSodoma, noBirisha inkosi yaseGomora, noShinabe inkosi yase-Adima, noShemebere…

UGENESISE 15

Isivumelwano sikaJehova no-Abrama 1 Emva kwalokho kwafika izwi likaJehova ku-Abrama ngombono, lithi: “Ungesabi, Abrama, ngiyisihlangu sakho; umvuzo wakho uyakuba mkhulu kakhulu.” 2 Kepha u-Abrama wathi: “Nkosi Jehova, uyakungiphani na? Ngihamba…

UGENESISE 16

OHagari no-Ishmayeli 1 USarayi umka-Abrama wayengamzaleli mntwana; kepha wayenencekukazi yaseGibithe, igama layo linguHagari. 2 USarayi wathi ku-Abrama: “Bheka-ke, uJehova ungivalile ekuzaleni; mawungene kuyo incekukazi yami; mhlawumbe ngizakwakhelwa ngayo.” U-Abrama walalela…

UGENESISE 17

Ukuthenjiswa kuka-Isaka 1 U-Abrama eneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye uJehova wabonakala ku-Abrama, wathi kuye: “NginguNkulunkulu uSomandla; hamba phambi kwami ungenacala. 2 Ngiyakwenza isivumelwano sami phakathi kwami nawe, ngikwandise kakhulu.” 3 U-Abrama…

UGENESISE 18

UJehova uyahambela u-Abrahama 1 UJehova wabonakala kuye ngasema-okini* aseMamre, ehlezi emnyango wetende ngesikhathi sokushisa kwemini. 2 Waphakamisa amehlo akhe, wabuka; bheka, amadoda amathathu ayemi phambi kwakhe; wathi ukuba awabone, wasuka…

UGENESISE 19

Ukuchithwa kweSodoma 1 Izingelosi zombili zafika eSodoma sekuhlwile; uLoti wayehlezi esangweni laseSodoma; uLoti ezibona wasukuma wazihlangabeza; wakhothamela emhlabathini ngobuso, 2 wathi: “Bhekani, makhosi, ake niphambuke, ningene endlini yenceku yenu, nihlale…

UGENESISE 20

U-Abrahama nomkakhe beseGerari 1 U-Abrahama wayesesuka lapho, waya ngasezweni laseningizimu, wakha phakathi kweKadeshi neShuri; wagogobala eGerari. 2 U-Abrahama wathi ngoSara umkakhe: “Ungudadewethu.” Khona u-Abimeleki inkosi yaseGerari wathuma wamthatha uSara. 3…