UDUTERONOMI 1
UMose ulanda ngokwenzekileyo ekuhambeni kwabakwa-Israyeli ehlane 1 Lawa angamazwi uMose awakhuluma kubo bonke abakwa-Israyeli ngaphesheya kweJordani ehlane e-Araba, malungana neSufi, phakathi kwePharanu, neThofeli, neLabani, neHaseroti, neDi Zahabi, 2 kuyizinsuku eziyishumi…