UDUTERONOMI 1

UMose ulanda ngokwenzekileyo ekuhambeni kwabakwa-Israyeli ehlane 1 Lawa angamazwi uMose awakhuluma kubo bonke abakwa-Israyeli ngaphesheya kweJordani ehlane e-Araba, malungana neSufi, phakathi kwePharanu, neThofeli, neLabani, neHaseroti, neDi Zahabi, 2 kuyizinsuku eziyishumi…

UDUTERONOMI 2

Inkulumo kaMose isaqhubeka 1 “Sase siphenduka sahamba, saya ehlane ngendlela eya eLwandle Olubomvu, njengalokho ebeshilo kimi uJehova. Sazungeza intaba yaseSeyiri izinsuku eziningi. 2 “UJehova wakhuluma kimi, wathi: 3 ‘Sekuyisikhathi niyizungeza…

UDUTERONOMI 3

Inkulumo kaMose isaqhubeka 1 “Sase siphenduka sakhuphuka ngendlela eya eBashani; u-Ogi inkosi yaseBashani waphuma wasihlasela, yena nabo bonke abantu bakhe, ukuzokulwa ngase-Edireyi. 2 UJehova wayesethi kimi: ‘Ungamesabi, ngokuba ngimnikele yena…

UDUTERONOMI 4

Inkulumo kaMose isaqhubeka 1 “Manje-ke, Israyeli, yizwa izimiso nezahlulelo enginifundisa zona ukuba nizenze, nize niphile, ningene nilidle izwe uJehova uNkulunkulu wawoyihlo aninika lona. 2 Aniyikuthasisela ezwini enginiyala ngalo, ninganciphisi futhi…

UDUTERONOMI 5

Isivumelwano saseHorebe 1 UMose wayesebiza wonke u-Israyeli, wathi kuye: “Yizwa, Israyeli, izimiso nezahlulelo engizikhuluma ezindlebeni zakho namuhla ukuba uzifunde, uqaphele ukuzenza. 2 UJehova uNkulunkulu wethu wenza isivumelwano nathi eHorebe. 3…

UDUTERONOMI 6

Isiyalezo sokugcina imiyalo kaNkulunkulu nesokumthanda 1 “Nansi imiyalo, nezimiso, nezahlulelo uJehova uNkulunkulu wenu ayala ukuba nifundiswe khona, nikwenze ezweni eniya kulo ukulidla, 2 ukuze umesabe uJehova uNkulunkulu wakho, ugcine zonke…

UDUTERONOMI 7

AmaKhanani amelwe ukuchithwa 1 “Lapho uJehova uNkulunkulu wakho eyakukungenisa ezweni oya kulo ukulidla, axoshe izizwe eziningi phambi kwakho, amaHeti, namaGirigashi, nama-Amori, namaKhanani, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, izizwe eziyisikhombisa ezinkulu nezinamandla kunawe,…

UDUTERONOMI 8

Izenzo ezinhle zikaNkulunkulu ku-Israyeli ehlane.Isixwayiso ngokuziqhenya nangokungamesabi uNkulunkulu 1 “Yonke imiyalo engikuyala ngayo namuhla niyakuyigcina niyenze ukuba niphile, nande, ningene ukulidla izwe uJehova alifungela oyihlo. 2 Woyikhumbula yonke indlela uJehova…

UDUTERONOMI 9

Ukungalaleli kuka-Israyeli ehlane 1 “Yizwa, Israyeli: Wena uyakuwela iJordani namuhla, ungene udle izizwe ezinkulu nezinamandla kunawe, imizi emikhulu nebiyelwe kuze kube sezulwini, 2 abantu abakhulu nabade, amadodana ama-Anaki owaziyo, ozwile…

UDUTERONOMI 10

Izibhebhe ezintsha zamatshe 1 “Ngaleso sikhathi uJehova wathi kimi: ‘Zibazele izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala, ukhuphukele kimi entabeni, uzenzele umphongolo womuthi. 2 Ngiyakuloba ezibhebheni amazwi ayesezibhebheni zokuqala owazaphula, uzifake emphongolweni.’ 3…