U-EKSODUSI 31
1 UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 2 “Bheka, ngibize ngegama uBesaleli indodana ka-Uri kaHuri, owesizwe sakwaJuda. 3 Ngimgcwalisile ngoMoya kaNkulunkulu, ngokuhlakanipha nangokuqonda nangokwazi nangamandla emisebenzini yonke, 4 ukuba aqambe imisebenzi yobungcweti,…