NGOKUKAMATHEWU 1
Izizukulwane zikaJesu 1 Incwadi yokuzalwa kukaJesu Kristu, indodana kaDavide, indodana ka-Abrahama. 2 U-Abrahama wazala u-Isaka, u-Isaka wazala uJakobe, uJakobe wazala uJuda nabafowabo; 3 uJuda wazala oFaresi noZara kuTamari, uFaresi wazala…