KUMAHEBERU 1

UKristu mkhulu kunezingelosi zonke 1 UNkulunkulu esekhulumile endulo kokhokho ngabaprofethi ngamathuba amaningi nangezindlela eziningi, 2 ekugcineni kwale mihla ukhulume kithina ngeNdodana ayimise ibe yindlalifa yakho konke, owadala ngayo futhi izwe….

KUMAHEBERU 2

Ukudelela izwi likaKristu lensindiso kunesijeziso esikhulu 1 Ngalokho kakhulu nga siqaphelisisa esikuzwileyo, funa mhlawumbe sikhukhulwe. 2 Ngokuba uma izwi elakhulunywa ngezingelosi laqiniseka, nakho konke ukuphambuka nokungalaleli kwaphindiselwa ngokufaneleyo, 3 thina…

KUMAHEBERU 3

UKristu mkhulu kunoMose, eyindodana yasendlini 1 Ngakho-ke, bazalwane abangcwele, enihlanganyela ukubiza kwasezulwini, qaphelani umPhostoli nomPristi omkhulu wesivumo sethu uJesu, 2 owayethembeka kuyena owammisayo, njengoMose naye wayenjalo endlini yakhe yonke. 3…

KUMAHEBERU 4

Mababambisise ezwini levangeli, baze bathole ukungena ekuphumuleni 1 Ngakho-ke masesabe ukuba, kuthi kusekhona isithembiso sokungena ekuphumuleni kwakhe, kungabikho noyedwa kini obonakala esele emuva. 2 Ngokuba phela nathi sashunyayezwa ivangeli njengabo;…

KUMAHEBERU 5

Umpristi omkhulu ufanele abe ngumuntu obiziwe nguNkulunkulu 1 Ngokuba yilowo nalowo mpristi omkhulu okhethwa kubantu umiselwa abantu kokukaNkulunkulu, ukuze anikele izipho nemihlatshelo ngenxa yezono; 2 angabekezelela abangazi lutho nabadukayo, lokhu…

KUMAHEBERU 6

Kuhle baqhubeke ekwazini kokukholwa; ukusilela kulokho kunengozi 1 Ngakho-ke masidlule esifundisweni sokuqala ngoKristu, siqhubekele kokupheleleyo, singabuyi sibeke isisekelo sokuphenduka emisebenzini efileyo, nokukholwa nguNkulunkulu, 2 nesifundiso sombhapathizo nokubeka izandla, nokuvuka kwabafileyo…

KUMAHEBERU 7

UKristu ongumpristi omkhulu ngokukaMelkisedeki 1 Ngokuba uMelkisedeki lo, inkosi yaseSalema, umpristi kaNkulunkulu oPhezukonke, owahlangabeza u-Abrahama mhla ebuya ekubulaleni amakhosi, wambusisa; 2 u-Abrahama wamabela okweshumi kukho konke yena ogama lakhe lithi…

KUMAHEBERU 8

UKristu usenguye umpristi omkhulu nasezulwini 1 Kepha okuyindikimba kwesikushoyo yilokhu: sinompristi omkhulu onjalo osewahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi soMkhulu emazulwini, 2 isikhonzi sokungcwele nesetabernakele* lempela elamiswa yiNkosi kungemuntu. 3 Ngokuba yilowo…

KUMAHEBERU 9

Umsebenzi wobupristi wesivumelano esidala 1 Kepha nesivumelwano sokuqala kambe sasinezimiso zenkonzo nendlu engcwele yasezweni. 2 Ngokuba kwakhiwa itabernakele* lokuqala okwakukhona kulo uthi lwezibani, netafula, nezinkwa zokubukwa, okuthiwa elingcwele; 3 ngasemva…

KUMAHEBERU 10

Inkonzo yobupristi endala nentsha 1 Ngokuba lokhu umthetho unesithunzi sezinto ezinhle ezizayo, ungesiwo umfanekiso wazo uqobo, ungeze waba namandla ngemihlatshelo enikelwa njalonjalo iminyaka ngeminyaka ukubenza baphelele labo abasondelayo; 2 uma…