IZAGA 21

1 Inhliziyo yenkosi isesandleni sikaJehova njengemifula yamanzi; uyayiphendulela lapho ethanda khona. 2 Zonke izindlela zomuntu zilungile emehlweni akhe, kepha uJehova ulinganisa izinhliziyo. 3 Ukwenza ukulunga nokwahlulela kukhethekile kuJehova kunemihlatshelo. 4…

IZAGA 22

1 Igama elihle likhethekile kunengcebo enkulu, nomusa kunesiliva negolide. 2 Abacebileyo nabampofu bahlangene; uJehova ungumenzi wabo bonke. 3 Qqondileyo uyabona ububi, acashe, kepha abangenalwazi badlula nje, bahlupheke ngakho. 4 Umvuzo…

IZAGA 23

1 Lapho uhlezi ekudleni nombusi, qonda nokuqonda ophambi kwakho, 2 ubeke umese emphinjeni wakho, uma ungumuntu wephango. 3 Unganxaneli izilovela zakhe, lokhu zingukudla okukhohlisayo. 4 Ungakhandlekeli ukuceba; kuyeke ngokuqonda kwakho….

IZAGA 24

1 Ungabi namhawu ngabantu ababi, ungafisi ukuba nabo. 2 Ngokuba izinhliziyo zabo ziceba ukuchitha, nezindebe zabo zikhuluma ngengozi. 3 Indlu iyakhiwa ngokuhlakanipha, iqiniswe ngokuqonda. 4 Amakamelo agcwaliswa ngokwazi, ngayo yonke…

IZAGA 25

Isigaba sesithathu samazwi ahlakaniphileyo 1 Nalezi ziyizaga zikaSolomoni ezaphindwa ngamadoda kaHezekiya inkosi yakwaJuda. 2 Kuludumo lukaNkulunkulu ukusitha into, kepha udumo lwamakhosi lungukuphenya indaba. 3 Njengezulu ngokuphakama nomhlaba ngokujula, injalo inhliziyo…

IZAGA 26

1 Njengeqhwa ehlobo nemvula ngesikhathi sokuvuna, kanjalo udumo alufanele isiwula. 2 Njengomzwilili ekuhambeni kwawo nanjengenkonjane ekundizeni kwayo, kanjalo isiqalekiso esingenasizathu asizi. 3 Isiswebhu singesehhashi, netomu lingelembongolo, noswazi lungolomhlane weziwula. 4…

IZAGA 27

1 Ungazigabisi ngolwakusasa, ngokuba awukwazi okungavela ngosuku. 2 Makakudumise omunye, kungabi ngumlomo wakho, kube ngumfokazi, kungabi yizindebe zakho. 3 Itshe liyasinda nesihlabathi sinzima, kepha ukukhathaza kwesiwula kuyasinda kunakho kokubili. 4…

IZAGA 28

1 Ababi bayabaleka, noma kungekho obaxoshayo, kepha abalungileyo banesibindi njengengonyama. 2 Ngesiphambeko salo izwe linezikhulu eziningi, kepha ngabantu abaqondileyo nabanokwazi liyakuma. 3 Umuntu oswelayo ocindezela abampofu unjengemvula ekhukhulayo engashiyi ukudla….

IZAGA 29

1 Umuntu osolwayo, onentamo elukhuni kodwa, uyakwaphulwa ngokuphazima kweso, engenakuphulukiswa. 2 Abantu bayathokoza ngokwanda kwabalungileyo, kepha ngokubusa kwababi abantu bayabubula. 3 Umuntu othanda ukuhlakanipha uthokozisa uyise, kepha umngane wezifebe uchitha…

IZAGA 30

Amazwi ka-Aguri 1 Amazwi ka-Aguri, indodana kaJakhe waseMasa. Yathi indoda ku-Ithiyeli, ko-Ithiyeli no-Ukhali: 2 “Impela ngiyisiwula kunabanye abantu, anginakuqonda komuntu. 3 Angifundanga ukuhlakanipha, ukuze ngazi oNgcwele. 4 Ngubani owenyukele ezulwini,…