ISAMBULO 1

UJohane uyanikwa isambulo sikaJesu ngengelosi 1 Isambulo sikaJesu Kristu amnika sona uNkulunkulu ukuba abonise izinceku zakhe izinto ezimelwe ukwenzeka masinyane, ethuma ngengelosi yakhe, esibonakalisa encekwini yakhe uJohane 2 owafakaza ngezwi…

ISAMBULO 2

UJohane uyalwa ngalokhu azakukulobela ingelosi yebandla lase-Efesu, naseSmirna, nasePhergamu, naseThiyathira 1 “Kuyo ingelosi yebandla lase-Efesu loba ukuthi: “Nakhu akushoyo ophethe izinkanyezi eziyisikhombisa esandleni sakhe sokunene, ohamba phakathi kwezinti zezibani eziyisikhombisa…

ISAMBULO 3

Lokhu uJohane azakukulobela ingelosi yebandla laseSardesi, naseFiladelfiya, naseLawodikeya 1 “Nakuyo ingelosi yebandla laseSardesi loba ukuthi: “Nakhu akushoyo onawoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu nezinkanyezi eziyisikhombisa, uthi: Ngiyayazi imisebenzi yakho ukuba unegama lokuthi uyaphila,…

ISAMBULO 4

UJohane ubona ngombono isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu ezulwini 1 Emva kwalokho ngabona, bheka-ke, umnyango uvulekile ezulwini, nezwi lokuqala engalizwayo linjengelecilongo likhuluma nami, lithi: “Yenyukela lapha, ngikutshengise okumelwe ukuba kube khona emva…

ISAMBULO 5

Incwadi enamathelisiwe ngezimpawu eziyisikhombisa 1 Ngase ngibona esandleni sokunene sakhe owayehlezi esihlalweni sobukhosi incwadi ilotshiwe ngaphakathi nangaphandle, inamathelisiwe ngezimpawu eziyisikhombisa. 2 Ngase ngibona ingelosi enamandla imemeza ngezwi elikhulu, ithi: “Ngubani…

ISAMBULO 6

IWundlu livula izimpawu eziyisithupha zokuqala 1 Ngase ngibona lapho iWundlu livula olunye lwezimpawu eziyisikhombisa, ngezwa esinye sezidalwa ezine sisho njengezwi lokuduma, sithi: “Woza!” 2 Ngabona, bheka, nanto ihhashi elimhlophe, nohlezi…

ISAMBULO 7

Izinceku phakathi kwezizwe zakwa-Israyeli ziyabekwa uphawu 1 Emva kwalokho ngabona izingelosi ezine zimi emagumbini omane omhlaba, zibamba imimoya emine yomhlaba, ukuze kungavunguzi moya emhlabeni, naselwandle, nakowodwa umuthi. 2 Ngase ngibona…

ISAMBULO 8

Kuvulwa uphawu lwesikhombisa 1 Kuthe ukuba liluvule uphawu lwesikhombisa, kwathi du ezulwini kungathi inxenye yehora. 2 Ngase ngibona izingelosi eziyisikhombisa zimi phambi kukaNkulunkulu, zanikwa amacilongo ayisikhombisa. 3 Kwase kufika enye…

ISAMBULO 9

Ingelosi yesihlanu iyabetha icilongo 1 Ingelosi yesihlanu yayisibetha; ngase ngibona inkanyezi ivela ezulwini, iwela emhlabeni, yanikwa isihluthulelo somgodi wakwalasha. 2 Yayisivula umgodi wakwalasha; kwenyuka umusi emgodini njengomusi weziko elikhulu, kwafiphazwa…

ISAMBULO 10

Ingelosi enencwadi evulekileyo 1 Ngase ngibona enye ingelosi enamandla yehla ezulwini yembethe ifu, nothingo lwenkosikazi lwaluphezu kwekhanda layo, nobuso bayo babunjengelanga, nezinyawo zayo zinjengezinsika zomlilo, 2 iphethe esandleni sayo incwadi…