AMAHUBO 121

Ukwethemba ukulondoloza kukaNkulunkulu Igama lokukhuphuka. 1 Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni; usizo lwami luvelaphi na? 2 Usizo lwami luvela kuJehova owenzile izulu nomhlaba. 3 Akayikuvuma ukuba unyawo lwakho lushelele; okulondolozayo akayikozela….

AMAHUBO 122

IJerusalema lifiselwa isibusiso Igama lokukhuphuka. ElikaDavide. 1 Ngajabula lapho bethi kimi: “Masiye endlini kaJehova.” 2 Izinyawo zethu sezimi emasangweni akho, Jerusalema, 3 Jerusalema, wena owakhiwe njengomuzi ohlanganisiwe ngokuqinileyo, 4 lapho…

AMAHUBO 123

Umkhuleko wocela ukusizwa ezidelelini Igama lokukhuphuka. 1 Ngiyaphakamisela kuwe amehlo ami, wena ohlezi ezulwini. 2 Bheka, njengamehlo ezinceku ekuzo izandla zamakhosi azo, namehlo encekukazi ekuso isandla senkosikazi yayo, kanjalo amehlo…

AMAHUBO 124

Ukubonga ukusindiswa engozini enkulu Igama lokukhuphuka. ElikaDavide. 1 Uma uJehova ebengenathi, makasho njalo manje u-Israyeli, 2 uma uJehova ebengenathi, lapho abantu besivukela, 3 ngabe sebesigwinyile ekuvutheni kolaka lwabo kithina; 4…

AMAHUBO 125

UJehova uyalondoloza u-Israyeli Igama lokukhuphuka. 1 Abamethembayo uJehova bafana nentaba yaseSiyoni engenakunyakaziswa kepha imi phakade. 2 Njengalokhu izintaba zihaqa iJerusalema, kanjalo uJehova uhaqa abantu bakhe kalokhu kuze kube phakade. 3…

AMAHUBO 126

Ukutshala ngezinyembezi nokuvuna ngentokozo Igama lokukhuphuka. 1 Lapho uJehova abuyisa ukuthunjwa kweSiyoni, sasinjengabaphuphayo. 2 Umlomo wethu wawusugcwala ukuhleka nolimi lwethu ukuhuba; bathi phakathi kwabezizwe: UJehova ubenzele izinto ezinkulu. 3 UJehova…

AMAHUBO 127

Zonke izibusiso zivela kuJehova Igama lokukhuphuka. ElikaSolomoni. 1 Uma uJehova engayakhi indlu, basebenzela ize abayakhayo; uma uJehova engalondolozi umuzi, umlindi wawo ulindela ize. 2 Kuyize kini ukuba nivuke ekuseni, nephuze…

AMAHUBO 128

Inhlanhla yekhaya lomuntu oqotho Igama lokukhuphuka. 1 Babusisiwe bonke abamesabayo uJehova, abahamba ngezindlela zakhe. 2 Ngokuba uyakudla umsebenzi wezandla zakho; uyakuba nenhlanhla nempumelelo. 3 Umkakho uyakuba njengomnqumo othelayo phakathi kwendlu…

AMAHUBO 129

Ubuthakathaka bezitha zeSiyoni Igama lokukhuphuka. 1 Bangihluphile kaningi kwasebusheni bami, makasho njalo u-Israyeli. 2 Bangihluphile kakhulu, nokho abangahlulanga. 3 Abalimi balima emhlane wami, benza ibe mide imisele yabo. 4 UJehova…

AMAHUBO 130

Umkhuleko wokuthethelelwa nokukhululwa Igama lokukhuphuka. 1 Ngikhala kuwe Jehova ngisotweni phansi. 2 Nkosi, yizwa izwi lami; izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami. 3 Uma wena Jehova uqaphela iziphambeko, Nkosi, ngubani…