AMAHUBO 111

Izenzo ezinhle zikaJehova kubo abantu besivumelwano sakhe 1 Haleluya! Ngiyakubonga uJehova ngenhliziyo yami yonke emhlanganweni nasebandleni labaqotho. 2 Mikhulu imisebenzi kaJehova, iphenywa yibo bonke abathokoza ngayo. 3 Umsebenzi wakhe ungubukhosi…

AMAHUBO 112

Inhlanhla yomesabayo uNkulunkulu 1 Haleluya! Ubusisiwe umuntu omesabayo uJehova, othokoza kakhulu ngemithetho yakhe. 2 Inzalo yakhe iyakuba namandla emhlabeni; isizukulwane sabaqotho siyakubusiswa. 3 Ingcebo nemfuyo kusendlini yakhe; ukulunga kwakhe kumi…

AMAHUBO 113

Ukumbonga uJehova ngokunaka kwakhe ompofu 1 Haleluya! Dumisani nina zinceku zikaJehova, nidumise igama likaJehova. 2 Malibongwe igama likaJehova kusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade. 3 Kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube…

AMAHUBO 114

Ukukhishwa okumangalisayo kuka-Israyeli eGibithe 1 Kwathi ukuba u-Israyeli aphume eGibithe, indlu kaJakobe kubantu bolunye ulimi, 2 khona uJuda waba yindlu yakhe engcwele, u-Israyeli waba ngumbuso wakhe. 3 Ulwandle lwakubona, lwabaleka,…

AMAHUBO 115

Udumo malube kuJehova yedwa 1 Ungasiphi thina, Jehova, ungasiphi thina, kepha uliphe igama lakho inkazimulo ngenxa yomusa wakho nangenxa yeqiniso lakho. 2 Abezizwe bayakusho ngani ukuthi: “Uphi manje uNkulunkulu wabo…

AMAHUBO 116

Ukudumisa kosindisiweyo 1 Ngiyamthanda uJehova, ngokuba uyezwa izwi lokukhuleka kwami. 2 Ngokuba ubekile indlebe kimi ngiyakukhuleka kuye zonke izinsuku zami. 3 Izintambo zokufa zangizungeza, nobuhlungu bendawo yabafileyo bangibamba; ngafumana ukuhlupheka…

AMAHUBO 117

Izizwe zonke mazibonge uJehova 1 Dumisani uJehova nina bezizwe zonke, nimbabaze nina bantu bonke. 2 Ngokuba umusa wakhe mkhulu kithina; iqiniso likaJehova limi phakade. Haleluya!

AMAHUBO 118

Igama lokudumisa 1 Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade. 2 Makathi u-Israyeli: “Yebo, umusa wakhe umi phakade.” 3 Mayithi indlu ka-Aroni: “Yebo, umusa wakhe umi phakade.” 4…

AMAHUBO 119

Induduzo yokholwa yizwi likaNkulunkulu 1 Babusisiwe abaqotho endleleni, abahamba ngemithetho kaJehova. 2 Babusisiwe abagcina ubufakazi bakhe, abamfuna ngenhliziyo yonke, 3 abangenzi ukungalungi, kepha behamba ezindleleni zakhe; 4 wena usiyalezile ukuba…

AMAHUBO 120

Umkhuleko wocela ukusizwa ekukhohliseni kwezitha Igama lokukhuphuka. 1 Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuJehova, wangiphendula. 2 Jehova, hlenga umphefumulo wami emlonyeni wamanga nasolimini lwenkohliso. 3 Uyakuvuzwa ngani, uyakwenezelelwani wena lulimi lwenkohliso, na?…