2 IZIKRONIKE 31

Ukondliwa kwabapristi namaLevi 1 Sekuphelile konke lokho, u-Israyeli wonke owayekhona waphuma waya emizini yakwaJuda, waphula izinsika, wagawula o-Ashera,* wadiliza izindawo eziphakemeyo nama-altare kwaJuda wonke, nakwaBenjamini, nakwa-Efrayimi, nakwaManase, waze waqeda konke….

2 IZIKRONIKE 32

USaneheribi ungenela uJuda 1 Emva kwalezo zinto naleso sibonelo sokuthembeka kwafika uSaneheribi inkosi yase-Asiriya, wangena kwaJuda, wamisa malungana nemizi ebiyelweyo, wathi uyakuzifohlela yona. 2 Lapho uHezekiya esebona ukuthi uSaneheribi ufikile…

2 IZIKRONIKE 33

OManase no-Amoni bangamakhosi kwaJuda 1 UManase wayeneminyaka eyishumi nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi ayisihlanu nanhlanu eJerusalema. 2 Wenza okubi emehlweni kaJehova njengezinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli….

2 IZIKRONIKE 34

UJosiya uyinkosi kwaJuda. Isivuselelo sakhe 1 UJosiya wayeneminyaka eyisishiyagalombili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi amathathu nanye eJerusalema. 2 Wenza okulungile emehlweni kaJehova, wahamba ngezindlela zikaDavide uyise, kachezukelanga ngakwesokunene nangakwesokhohlo….

2 IZIKRONIKE 35

Iphasika likaJosiya 1 UJosiya wamenzela uJehova iphasika eJerusalema; balihlaba iphasika ngolweshumi nane lwenyanga yokuqala. 2 Wamisa abapristi ezikhundleni zabo, wabaqinisa emsebenzini wendlu kaJehova. 3 Washo kumaLevi afundisa wonke u-Israyeli, ayengcwele…

2 IZIKRONIKE 36

OJehowahazi noJehoyakimi noJehoyakini noSedekiya bangamakhosi kwaJuda 1 Abantu bezwe bathatha uJehowahazi indodana kaJosiya, bambeka inkosi esikhundleni sikayise. 2 UJehowahazi wayeneminyaka engamashumi amabili nantathu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa izinyanga ezintathu eJerusalema….