2 IZIKRONIKE 21
UJehoramu uyinkosi kwaJuda 1 UJehoshafati wayeselala koyise, wembelwa koyise emzini kaDavide; uJehoramu, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe. 2 Wayenabafowabo, amadodana kaJehoshafati: ngo-Azariya, noJehiyeli, noZakariya, no-Azariyahu, noMikayeli, noShefathiya; bonke labo…