2 IZIKRONIKE 11
Isiprofetho sikaShemaya 1 URehobowamu esefikile eJerusalema wabutha indlu yakwaJuda noBenjamini, abantu abakhethiweyo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisihiyagalombili, amabutho, ukuba balwe no-Israyeli, bawubuyisele umbuso kuRehobowamu. 2 Lase lifika izwi likaJehova kuShemaya umuntu…