2 IZIKRONIKE 1

Umnikelo nephupho likaSolomoni eGibeyoni. Izinqola namahhashi akhe 1 USolomoni indodana kaDavide waqiniswa ebukhosini bakhe; uJehova uNkulunkulu wakhe wayenaye, wamkhulisa kakhulu. 2 USolomoni wakhuluma kuye wonke u-Israyeli, nakuzo izinduna zezinkulungwane nezamakhulu,…

2 IZIKRONIKE 2

USolomoni ulungisela ukwakha ithempeli 1 USolomoni wahlosa ukwakhela igama likaJehova indlu kanye nendlu yombuso wakhe. 2 USolomoni wabala abantu abayizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa ukuba bathwale imithwalo, nabantu abayizinkulungwane eziyishiyagalombili ukuba babe…

2 IZIKRONIKE 3

Indlu yethempeli 1 USolomoni wayeseqala ukwakha indlu kaJehova eJerusalema entabeni yaseMoriya, lapho uJehova abonakala khona kuDavide uyise, nalapho eselungisile khona endaweni kaDavide esibuyeni sika-Orinani umJebusi. 2 Waqala ukwakha ngolwesibili lwenyanga…

2 IZIKRONIKE 4

I-altare leminikelo yokushiswa nezinye izinto zethempeli 1 Wenza i-altare lethusi; ubude balo babuyizingalo ezingamashumi amabili, nobubanzi balo babuyizingalo ezingamashumi amabili, nokuphakama kwalo kwakuyizingalo eziyishumi. 2 Wenza nolwandle olubunjiweyo; lwaluyizingalo eziyishumi…

2 IZIKRONIKE 5

Ukungeniswa komphongolo kaJehova ethempelini 1 Wawusuphela-ke wonke umsebenzi uSolomoni awenzela indlu kaJehova. USolomoni wangenisa izinto ezazingcweliswe nguDavide uyise, kanye nesiliva negolide, nazo zonke izitsha, wakubeka engcebeni yendlu kaNkulunkulu. 2 Khona…

2 IZIKRONIKE 6

Inkulumo nomkhuleko kaSolomoni ekuhlanjululweni kwethempeli 1 Khona wakhuluma uSolomoni, wathi: “UJehova ushilo ukuthi uyakuhlala esigayegayeni. 2 Kepha ngikwakhele indlu yokuhlala, indawo yokuhlala kwakho kuze kube phakade.” 3 Inkosi yayisiphenduka, yalibusisa…

2 IZIKRONIKE 7

Umlilo wasezulwini 1 USolomoni eseqedile ukukhuleka, kwehla umlilo ezulwini, wadla umnikelo wokushiswa nemihlatshelo; inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu. 2 Abapristi babengenakungena endlini kaJehova, ngokuba inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu kaJehova. 3 Lapho…

2 IZIKRONIKE 8

Izisebenzi nezindlu zikaSolomoni 1 Kwathi ngasekugcineni kweminyaka engamashumi amabili uSolomoni akhe ngayo indlu kaJehova nendlu yakhe, 2 imizi uHiramu anike yona uSolomoni, uSolomoni wayivusa, wahlalisa khona abantwana bakwa-Israyeli. 3 USolomoni…

2 IZIKRONIKE 9

Inkosikazi yaseSheba 1 Inkosikazi yaseSheba isizwile udumo lukaSolomoni yeza ukumvivinya uSolomoni eJerusalema ngezimfumbe, inehele elikhulu kakhulu, namakamela ethwele amakha, negolide eliningi, namatshe ayigugu; isifikile kuSolomoni yakhuluma naye ngakho konke okusenhliziyweni…

2 IZIKRONIKE 10

Ukumiswa kukaRehobowamu nokuhlubuka kwezizwe eziyishumi 1 URehobowamu waya eShekemi, ngokuba wonke u-Israyeli wayefikile eShekemi ukumbeka inkosi. 2 Kwathi lapho uJerobowamu indodana kaNebati ekuzwile ngokuba wayeseGibithe, lapho ayebalakele khona, ebalekele ubuso…