2 AMAKHOSI 1

Ukugula nokufa kuka-Ahaziya inkosi yakwa-Israyeli 1 UMowabi wahlubuka kwa-Israyeli emva kokufa kuka-Ahabi. 2 U-Ahaziya wawa eheleni lekamelo lakhe eliphezulu laseSamariya, wagula, wathuma izithunywa, wathi kuzo: “Hambani nibuze kuBali Zebubi unkulunkulu…

2 AMAKHOSI 2

U-Eliya uyamukelwa ezulwini 1 Kwathi lapho uJehova ebeyakumkhuphula u-Eliya aye ezulwini ngesivunguvungu, u-Eliya wasuka eGiligali no-Elisha. 2 U-Eliya wathi ku-Elisha: “Ake uhlale lapha, ngokuba uJehova ungithumile eBethele.” Kepha u-Elisha wathi:…

2 AMAKHOSI 3

UJehoramu uyinkosi kwa-Israyeli 1 UJehoramu indodana ka-Ahabi waba yinkosi kwa-Israyeli eSamariya ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili kaJehoshafati inkosi yakwaJuda, wabusa iminyaka eyishumi nambili. 2 Wenza okubi emehlweni kaJehova kepha kungenjengoyise nonina, ngokuba…

2 AMAKHOSI 4

Amafutha omfelokazi; u-Elisha nowesifazane waseShunemi 1 Kwakhala ku-Elisha owesifazane othile wabafazi bamadodana abaprofethi, wathi: “Inceku yakho, indoda yami, ifile; wena uyazi ukuthi inceku yakho yayimesaba uJehova; sekufike umtshelekisi ukuzithathela abafana…

2 AMAKHOSI 5

U-Elisha uphilisa uNahamani 1 UNahamani induna yempi yenkosi yase-Aramu wayengumuntu omkhulu phambi kwenkosi yakhe, otusekayo, ngokuba uJehova wayenikile i-Aramu ukunqoba ngaye; futhi wayeyiqhawe elinamandla, kepha wayenochoko. 2 Ama-Aramu ayephumile ngamaviyo,…

2 AMAKHOSI 6

U-Elisha nembazo elahlekileyo. Impi nama-Aramu 1 Amadodana abaprofethi athi ku-Elisha: “Bheka, indawo esihlezi kuyo phambi kwakho, siminyene kuyo. 2 Masihambe siye eJordani, sithathe khona, kube yilowo nalowo umshayo ube munye,…

2 AMAKHOSI 7

1 Wayesethi u-Elisha: “Zwanini izwi likaJehova; usho kanje uJehova, uthi: ‘Kusasa ngalesi sikhathi iseya* lempuphu ecolekileyo liyakuthengiswa ngeshekeli,* namaseya amabili ebhali* ngeshekeli esangweni laseSamariya.’ ” 2 Induna inkosi eyencika esandleni…

2 AMAKHOSI 8

Iminyaka eyisikhombisa yendlala 1 U-Elisha wayekhulumile nowesifazane ondodana yakhe ayivusile ngokuthi: “Suka uhambe wena nabendlu yakho, uhlale lapho ungahlala khona, ngokuba uJehova umemezele indlala, futhi iyakufika ezweni iminyaka eyisikhombisa.” 2…

2 AMAKHOSI 9

UJehu uyinkosi kwa-Israyeli 1 U-Elisha umprofethi wabiza enye yamadodana abaprofethi, wathi kuyo: “Khwica, uphathe lo mfuma wamafutha esandleni sakho, uye eRamoti Gileyadi. 2 Ekufikeni kwakho khona, wofuna uJehu indodana kaJehoshafati…

2 AMAKHOSI 10

UJehu uyachitha indlu ka-Ahabi: uqothula izinceku zikaBali 1 U-Ahabi wayenamadodana angamashumi ayisikhombisa eSamariya. UJehu waloba izincwadi, wazithuma eSamariya ezinduneni zaseJizreyeli kumalunga nakubondli bakwa-Ahabi, wathi: 2 “Manje njengalokhu le ncwadi ifika…