1 USAMUWELI 31

USawule namadodana akhe bayalwa namaFilisti; ukumbelwa kwabo 1 AmaFilisti alwa no-Israyeli; abantu bakwa-Israyeli babaleka phambi kwamaFilisti, bawa begwaziwe entabeni yaseGilibowa. 2 AmaFilisti axosha uSawule namadodana akhe; amaFilisti abulala oJonathani, no-Abinadaba,…