1 USAMUWELI 1
Ukuzalwa kukaSamuweli 1 Kwakukhona umuntu waseRamatayimi Sofimu lasezintabeni zakwa-Efrayimi ogama lakhe lalingu-Elkana indodana kaJerohamu ka-Elihu kaTholu kaSufi wakwa-Efrayimi; 2 wayenabafazi ababili, igama lomunye lalinguHana, igama lomunye lalinguPhenina; uPhenina wayenabantwana, kepha…