Isiprofetho ngoMowabi
1 Isiprofetho ngoMowabi.
Impela ebusuku bunye i-Ari Mowabi linqotshiwe,
lichithekile;
impela ebusuku bunye iKhiri Mowabi linqotshiwe,
lichithekile.
2 Bayakhuphukela ethempelini;
iDiboni lenyukela ezindaweni eziphakemeyo ukuyokhala;
uMowabi uyaklewula eNebo naseMedeba;
onke amakhanda ayizimpandlana,
zonke izilevu ziphuculiwe.
3 Ezitaladini zabo bayabhinca indwangu yamasaka,
nasophahleni lwabo nasezigcawini zabo
bayaklewula bonke,
bamululeka izinyembezi.
4 IHeshiboni liyadazuluka kanye ne-Elehale;
izwi labo lizwakala kuze kube naseJahasi;
ngalokho amabutho akwaMowabi ayakhamuluka,
umphefumulo wakhe uyathuthumela phakathi kwakhe.
5 Inhliziyo yami ikhalela uMowabi;
ababalekileyo bakhe bayabalekela eSora,
nase Egila Shelishiya;
yebo, nasegqumeni laseLuhithe bakhuphukela bekhala,
nasendleleni eya eHoronayimi,
bephakamisa izwi lokudazuluka.
6 Ngokuba amanzi aseNimrimi ayincithakalo,
notshani buyoma, uhlaza luyaphela,
akusekho okuluhlaza.
7 Ngalokho okuseleyo abakutholileyo, nemfuyo yabo,
bakuwelisa uMfula Weminyezane.
8 Ngokuba ukukhala kuzungeze imikhawulo yakwaMowabi,
nokuklewula kwakhe kuze kube se-Egelayimi,
nokububula kwakhe kuze kube seBeri Elimi.
9 Ngokuba amanzi aseDimoni agcwele igazi;
yebo, ngiyakwehlisela iDimoni nokunye:
ingonyama phezu kwabasindileyo bakwaMowabi,
insali yezwe.