Isiprofetho ngeKushe
1 Wo kuwena lizwe lokuhashaza kwamaphiko
eliphesheya komfula waseKushe,
2 elithuma izigijimi ngolwandle
nangemikhumbi yemihlanga phezu kwamanzi.
Hambani nina zithunywa ezinejubane,
niye esizweni esidephileyo nesikhazimulayo,
kubantu abesabekayo lapha nasekudeni,
isizwe esinamandla amakhulu nesinyathelayo,
esilizwe laso lidatshulwe yimifula.
3 Nonke nina enakhileyo ezweni
nani nonke enihlezi emhlabeni
bhekani, lapho ibhanela* liphakanyiswa ezintabeni;
zwanini, lapho icilongo libethwa.
4 Ngokuba uJehova ushilo kimi kanje, wathi:
“Ngiyakubheka ngithule, ngisendaweni yami,
njengokubalela okukhazimula ekukhanyeni kwelanga,
njengefu lamazolo ekufudumaleni ngesikhathi sokuvuna.”
5 Ngokuba kungakafiki ukuvuna,
nokukhahlela sekuphelile,
nembali isiphenduka isithelo esivuthiweyo,
uyakunquma amahlumela ngawocelemba,
awasike amagatsha, awasuse.
6 Ayakushiywa ndawonye abe ngawamanqe asezintabeni
nawezilwane zasemhlabeni;
amanqe ayakuhlala ehlobo phezu kwawo,
nazo zonke izilwane zomhlaba
ziyakuhlala ebusika phezu kwawo.
7 Ngaleso sikhathi kuyakulethwa isipho kuJehova Sebawoti
yibo abantu abadephileyo nabakhazimulayo,
sivela kubantu abesabekayo lapha nasekudeni,
isizwe esinamandla amakhulu nesinyathelayo,
esilizwe laso lidatshulwe yimifula,
endaweni yegama likaJehova Sebawoti,
intaba yaseSiyoni.