U-ISAYA 22

Isiprofetho ngesiGodi Sombono

1 Isiprofetho ngesiGodi Sombono.

Yini, pho, ukuba ukhuphukele wonke

ophahleni lwezindlu

2 wena muzi ogcwele ukumemeza,

oxokozelayo,

muzi othokozayo, na?

Ababuleweyo bakho ababulawanga ngenkemba,

kabafelanga empini.

3 Zonke izinduna zakho zibalekile kanyekanye,

zaboshwa ngaphandle kweminsalo;

zonke ezakho ezafunyanwayo zaboshwa kanyekanye,

noma zazibalekele kude.

4 Ngalokho ngathi:

“Ningangibheki,

ngiyakukhala ngomunyu;

ningazami ukungiduduza

ngenxa yokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.”

5 Ngokuba kulusuku lokukhathazeka,

nolokunyathelwa phansi, nolokukhungatheka,

oluvela eNkosini uJehova Sebawoti

esiGodini Sombono

kanye nokudilizwa kwezingange

nokumemeza ezintabeni.

6 I-Elamu lathwala isambo

phakathi kwezinqola, nabantu, namahhashi,

neKhiri lambula isihlangu.

7 Kwathi izigodi zakho ezikhethekileyo

zagcwala izinqola,

nabamahhashi bazihlela nokuzihlela ngasesangweni.

8 Wasisusa isimbozo kwaJuda;

wena wabheka ngalolo suku

izikhali zasendlini yehlathi.

9 Nabona imifantu emzini kaDavide

ukuthi yayiminingi,

nawaqoqa amanzi asechibini lasenzansi.

10 Nazibala izindlu zaseJerusalema,

nazidiliza izindlu ukuba niluqinise ugange.

11 Futhi nenzela amanzi echibi elidala

umgodi phakathi kwezingange zombili,

kepha anibhekanga kumenzi walokho,

animnakanga okade wakunquma.

12 Ngalolo suku iNkosi uJehova Sebawoti

yabizela ukukhala, nokulila,

nobumpandla, nokubhinca indwangu yamasaka,

13 kepha bheka,

nakhu ukujabula, nokuthokoza,

nokubulala izinkabi,

nokuhlaba izimvu,

ukudla inyama nokuphuza iwayini,

ngokuthi: “Masidle, siphuze,

ngokuba ngomuso sizakufa.”

14 Kepha uJehova Sebawoti wazibonakalisa ezindlebeni zami, wathi: “Impela lesi sono asiyikuhlangulwa kini nize nife,” isho iNkosi uJehova Sebawoti.

Isiprofetho ngoShebina no-Eliyakimi

15 Isho kanje iNkosi uJehova Sebawoti, ithi:

“Hamba uye kuleyo nduna uShebina ophezu kwendlu, uthi:

16 ‘Wenzani lapha,

futhi unobani lapha

ukuba uziqophele lapha ithuna na?

Uziqophela ithuna lakhe phezulu,

uzikipilitela indawo yokuhlala edwaleni!’

17 “Bheka, uJehova uyakukulahla

njengalokhu umuntu elahla,

abambe nokubamba.

18 Uyakukuthandela nokukuthandela njengokuthandelweyo,

akulahle njengegabade ezweni elibanzi.

Uyakufela khona,

lapho kuyakuba khona nezinqola zodumo lwakho

wena hlazo lendlu yenkosi yakho.

19 Ngiyakukuhlohloloza esikhundleni sakho,

ngikuwise endaweni yakho.

20 “Kuyakuthi ngalolo suku ngiyibize inceku yami u-Eliyakimi indodana kaHilikiya;

21 ngiyakumembathisa ingubo yakho, ngimqinise ngebhande* lakho, nginikeze ukubusa kwakho esandleni sakhe, abe nguyise kwabakhileyo eJerusalema nakuyo indlu yakwaJuda.

22 Ngiyakubeka isihluthelelo sendlu kaDavide ehlombe lakhe; uyakuvula kungavali muntu, avale kungavuli muntu.

23 Ngiyakumbethelisa okwesipikili endaweni eqinileyo, abe yisihlalo sobukhosi esikhazimulayo endlini kayise.

24 Bayakuphanyeka phezu kwakhe lonke udumo lwendlu kayise, inzalo nabantwana, zonke izitsha ezincane, imicengezi nezinkamba.

25 “Ngalolo suku,” usho uJehova Sebawoti, “isipikili esabethelwa endaweni eqinileyo siyakukhumuka, sinqanyulwe, siwe, nomthwalo obukuso unqunywe,” ngokuba uJehova ukhulumile.