U-ISAYA 35

Intokozo yabakhululiweyo beNkosi

1 Kuyakujabula ihlane nogwadule,

kuthokoze uqwathule,

lukhahlele njengentebe.

2 Luyakukhahlela kahle, luthokoze,

yebo, luthokoze, luhube;

luyakuphiwa udumo lweLebanoni,

nobukhosi beKarmeli nobeSharoni,

lubone inkazimulo kaJehova,

nobukhosi bukaNkulunkulu wethu.

3 Qinisani izandla ezibuthakathaka,

nimise amadolo axegayo.

4 Yishoni kwabanenhliziyo eyesabayo ukuthi:

“Qinani, ningesabi;

bhekani, uNkulunkulu wenu uyeza ngokuphindisela,

impindiselo ivela kuNkulunkulu;

nguye oza ukunisindisa.”

5 Khona amehlo ezimpumputhe ayakuvulwa,

zivuleke nezindlebe zezithulu.

6 Khona unyonga luyakutshekula njengendluzele,

nolimi lwesimungulu luyakuhuba,

ngokuba ehlane kuyakubhoboka amanzi,

nemifudlana kwahlongasibi.

7 Isihlabathi esibengezelayo siyakuba yichibi,

isigagadu sibe yimithombo yamanzi;

ekhaya lamakhanka lapho ayebuthisa khona

kuyakuba khona igceke lomhlanga nekhwani.

8 Kuyakuba khona umendo

nendlela eyakuthiwa iNdlela Yobungcwele;

ongcolileyo akayikuhamba ngayo,

kepha iyakuba ngeyabantu bakhe;

abahamba ngayo, noma beyiziwula,

abayikuduka kuyo.

9 Akuyikuba khona lapho ingonyama,

nesilwane esihahayo asiyikukhuphukela khona;

lokho akuyikufunyanwa khona,

kepha abakhululiweyo bayakuhamba ngayo.

10 Abahlengiweyo bakaJehova bayakubuya

baye eSiyoni ngokwethaba,

intokozo engunaphakade ibe phezu kwamakhanda abo;

bayakuthola ukujabula nokuthokoza,

kubaleke usizi nokububula.