U-ISAYA 38

Ukugula nokusinda kukaHezekiya

1 Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula, wayephansi kokufa. Kwafika kuye u-Isaya umprofethi, indodana ka-Amose, wathi kuye: “Usho kanje uJehova, uthi: Yalela indlu yakho, ngokuba uyakufa, awuyikusinda.”

2 UHezekiya wayesephendulela ubuso bakhe odongeni, wakhuleka kuJehova,

3 wathi: “Ngiyacela, Jehova: ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo, ngenzile okuhle emehlweni akho.” Wayesekhala uHezekiya ngokukhala okukhulu.

4 Lafika ku-Isaya izwi likaJehova, lathi:

5 “Hamba, uthi kuHezekiya: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi: Ngizwile umkhuleko wakho, ngibonile izinyembezi zakho; ngiyakwenezela ezinsukwini zakho iminyaka eyishumi nanhlanu.

6 Ngiyakophula wena nalo muzi esandleni senkosi yase-Asiriya, ngiwuvikele lo muzi.

7 “ ‘Lesi siyakuba yisibonakaliso kuwe esivela kuJehova sokuthi uJehova uyakukwenza lokho akukhulumileyo:

8 bheka, isithunzi sezinyathelo ilanga elizehlile ezinyathelweni zelanga zika-Ahazi ngiyakusibuyisa izinyathelo eziyishumi.’ ” Ilanga labuya-ke izinyathelo eziyishumi ezinyathelweni elizehlileyo.

Ihubo likaHezekiya

9 Ihubo likaHezekiya inkosi yakwaJuda lapho wayekade egula, wasinda ekuguleni kwakhe:

10 Ngathi: “Ngiphakathi nezinsuku zami

ngiyakungena emasangweni endawo yabafileyo,

ngaphuciwe inxenye yeminyaka yami.”

11 Ngathi: “Angiyikumbona uJehova,

uJehova ezweni labaphilayo;

angisayikubuka muntu nginabakhileyo bezwe.

12 Idokodo lami lisishuliwe,

lasuswa kimi njengetende lomalusi;

ngisongile ukuphila kwami njengomaluki;

uyanginquma esalukweni;

kusukela emini kuze kube sebusuku uyangiqeda.

13 Ngakhala kwaze kwaba sekuseni;

njengengonyama uyaphula onke amathambo ami;

kusukela emini kuze kube sebusuku uyangiqeda.

14 Ngatshiyozisa okwenkonjane,

ngaliliselisa okwejuba;

amehlo ami aphela ngokubheka phezulu;

Nkosi, ngiyacindezelwa;

yiba yisibambiso sami.”

15 Ngingakhuluma ngithini na?

Ukhulumile kimi, ukwenzile yena.

Ngiyakubinyabinyeka yonke iminyaka

ngomunyu womphefumulo wami.

16 Nkosi, abantu baphila ngalokho,

nokuphila komoya wami kukulokho kuphelele;

ngalokho mawungiphulukise, ungiphilise.

17 Bheka,

kwakungokuhle kimi ukuthi nganginomunyu;

wena wawuthanda umphefumulo wami,

waze waphuma egodini lokubhujiswa,

ngokuba uzilahlile nyovane zonke izono zami.

18 Ngokuba indawo yabafileyo ayikubongi,

nokufa akukudumisi;

abehlela egodini ababheki ukuthembeka kwakho.

19 Abaphilayo,

abaphilayo bayakubonga njengami namuhla;

uyise uyabazisa abantwana ukuthembeka kwakho.

20 UJehova uyakungisindisa;

ngalokho siyakubetha ngezingubhu ezinezintambo

zonke izinsuku zokuhamba kwethu endlini kaJehova.

21 U-Isaya wathi: “Mabathathe isigaxa samakhiwane, basibeke ethumbeni, uyakusinda.”

22 Kepha uHezekiya wathi: “Yisibonakaliso sini sokuba ngiyakwenyukela endlini kaJehova na?”