UNkulunkulu wezizwe
1 “Thulani phambi kwami nina ziqhingi,
izizwe zithole amandla amasha.
Mazisondele, andukuba zikhulume,
sisondelane ekwahluleleni.
2 “Ngubani ovusile ukulunga
kuphume empumalanga,
akubize ukuba kumlandele,
anikele izizwe phambi kwakhe,
amenze ukuba abuse amakhosi,
abenze babe njengothuli ngenkemba yakhe,
nanjengamabibi aphephezeliswayo
ngomnsalo wakhe, na?
3 Uyabaxosha, adlule kahle
ngezindlela angazihambanga ngezinyawo.
4 Ngubani okusebenzileyo, wakwenza, na?
Nguye owazibiza izizukulwane kwasekuqaleni:
mina Jehova engingowokuqala
nenginguye nakwabokuphela.”
5 Iziqhingi ziyakubona, ziyesaba;
imikhawulo yomhlaba iyathuthumela;
isondele, isifikile.
6 Yilowo nalowo usiza umakhelwane wakhe;
uthi komfowabo: “Yiba nesibindi.”
7 Umbazi uqunga umkhandi isibindi,
nololonga ngesando uqunga oshaya isikhandelo isibindi,
ethi ngokunamathelisa: “Kuhle,”
ekubethela ngezipikili,
funa kunyakaziswe.
Umkhululi ka-Israyeli
8 “Kepha wena Israyeli, nceku yami,
wena Jakobe engikukhethileyo,
nzalo ka-Abrahama othandiweyo wami,
9 wena engikuthathile emikhawulweni yomhlaba,
ngakubiza emagumbini awo,
ngathi kuwe:
‘Wena uyinceku yami,’
ngikukhethile, angikulahlanga;
10 ungesabi, ngokuba mina nginawe;
ungapheli amandla,
ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho;
ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza,
yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.
11 “Bheka, bonke abafuthekela wena
bayakuba namahloni, bajabhe;
abamelene nawe bayakuba njengento engelutho,
babhubhe.
12 Uyakubafuna, ungabafumani kodwa,
labo bantu abaxabana nawe;
abalwa nawe bayakuba njengento engelutho nanjengeze.
13 Ngokuba yimina Jehova uNkulunkulu wakho
obamba isandla sakho sokunene,
nothi kuwe: Ungesabi,
mina ngiyakusiza.
14 Ungesabi wena mpethu, Jakobe,
nani bantu bakwa-Israyeli;
mina ngiyakukusiza,” usho uJehova;
uMhlengi wakho ungoNgcwele ka-Israyeli.
15 “Bheka, ngiyakukwenza ukuba ube yisibhulo
esisha esibukhali esinamazinyo;
uyakubhula izintaba, uzicolisise,
wenze amagquma abe njengamakhoba.
16 Uyakuwahlakaza, umoya uwasuse,
isivunguvungu siwachithe;
wena uyakuthokoza ngoJehova,
uzibonge ngoNgcwele ka-Israyeli.
17 “Abampofu nabaswelayo bafuna amanzi, kepha awakho,
nolimi lwabo luphele ukoma;
mina Jehova ngiyakubaphendula,
mina Nkulunkulu ka-Israyeli angiyikubashiya.
18 Ngiyakuvula imifula emadulini angenalutho
nemithombo phakathi kwezigodi;
ngiyakwenza ihlane libe yichibi lamanzi,
nomhlabathi owomileyo ube yiziphethu zamanzi.
19 Ngiyakutshala umsedari* ehlane,
umtholo, nombomvana, nomnqumo,
ngibeke kwahlongasibi umsayipuresi,*
nomthidari,* nomkhoba kanyekanye,
20 ukuze babone, bazi,
baqaphele, baqonde kanyekanye
ukuthi isandla sikaJehova sikwenzile lokhu
nokuthi oNgcwele ka-Israyeli wakudala.
21 “Lethani indaba yenu,” usho uJehova,
“nisondeze izizathu zenu,” isho iNkosi kaJakobe.
22 “Mabazisondeze,
basitshele okuyakwenzeka;
izinto zakuqala ziyini na?
Mabasitshele zona
ukuba sizibeke ezinhliziyweni zethu,
sazi ukuphela kwazo,
noma nisizwise okuzayo.
23 Sitsheleni okuzayo ngesikhathi esizayo,
sazi ukuthi ningonkulunkulu;
yebo, yenzani okuhle noma okubi,
simangale, sikubone kanyekanye.
24 Bhekani, nivela kokungekho,
nemisebenzi yenu ayiyinto yalutho;
uyisinengiso onikhethileyo.
25 “Ukhona engimvusile esenyakatho,
wafika, nasempumalanga,
ukuba abize igama lami;
uyakwehlela phezu kwezikhulu njengaphezu kodaka,
njengombumbi exova ibumba.
26 Ngubani owakushoyo kwasekuqaleni ukuba sazi,
nangaphambili ukuba sisho sithi: ‘Uqinisile,’ na?
Cha, akakho okumemezileyo,
akakho nokuzwisileyo,
akakho nozwayo amazwi enu.
27 Ngingowokuqala othi kulo iSiyoni:
‘Bheka, babheke,’
nginike iJerusalema umbiki wendaba ethokozisayo.
28 Kepha lapho ngibheka,
akukho muntu,
akakho phakathi kwabo umluleki
ongaphendula ngazwi,
lapho ngibabuzayo.
29 Bheka, bayize bonke;
imisebenzi yabo ayiyinto yalutho,
nezithombe zabo ezibunjiweyo zingumoya nokuyize.