U-ISAYA 41

UNkulunkulu wezizwe

1 “Thulani phambi kwami nina ziqhingi,

izizwe zithole amandla amasha.

Mazisondele, andukuba zikhulume,

sisondelane ekwahluleleni.

2 “Ngubani ovusile ukulunga

kuphume empumalanga,

akubize ukuba kumlandele,

anikele izizwe phambi kwakhe,

amenze ukuba abuse amakhosi,

abenze babe njengothuli ngenkemba yakhe,

nanjengamabibi aphephezeliswayo

ngomnsalo wakhe, na?

3 Uyabaxosha, adlule kahle

ngezindlela angazihambanga ngezinyawo.

4 Ngubani okusebenzileyo, wakwenza, na?

Nguye owazibiza izizukulwane kwasekuqaleni:

mina Jehova engingowokuqala

nenginguye nakwabokuphela.”

5 Iziqhingi ziyakubona, ziyesaba;

imikhawulo yomhlaba iyathuthumela;

isondele, isifikile.

6 Yilowo nalowo usiza umakhelwane wakhe;

uthi komfowabo: “Yiba nesibindi.”

7 Umbazi uqunga umkhandi isibindi,

nololonga ngesando uqunga oshaya isikhandelo isibindi,

ethi ngokunamathelisa: “Kuhle,”

ekubethela ngezipikili,

funa kunyakaziswe.

Umkhululi ka-Israyeli

8 “Kepha wena Israyeli, nceku yami,

wena Jakobe engikukhethileyo,

nzalo ka-Abrahama othandiweyo wami,

9 wena engikuthathile emikhawulweni yomhlaba,

ngakubiza emagumbini awo,

ngathi kuwe:

‘Wena uyinceku yami,’

ngikukhethile, angikulahlanga;

10 ungesabi, ngokuba mina nginawe;

ungapheli amandla,

ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho;

ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza,

yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.

11 “Bheka, bonke abafuthekela wena

bayakuba namahloni, bajabhe;

abamelene nawe bayakuba njengento engelutho,

babhubhe.

12 Uyakubafuna, ungabafumani kodwa,

labo bantu abaxabana nawe;

abalwa nawe bayakuba njengento engelutho nanjengeze.

13 Ngokuba yimina Jehova uNkulunkulu wakho

obamba isandla sakho sokunene,

nothi kuwe: Ungesabi,

mina ngiyakusiza.

14 Ungesabi wena mpethu, Jakobe,

nani bantu bakwa-Israyeli;

mina ngiyakukusiza,” usho uJehova;

uMhlengi wakho ungoNgcwele ka-Israyeli.

15 “Bheka, ngiyakukwenza ukuba ube yisibhulo

esisha esibukhali esinamazinyo;

uyakubhula izintaba, uzicolisise,

wenze amagquma abe njengamakhoba.

16 Uyakuwahlakaza, umoya uwasuse,

isivunguvungu siwachithe;

wena uyakuthokoza ngoJehova,

uzibonge ngoNgcwele ka-Israyeli.

17 “Abampofu nabaswelayo bafuna amanzi, kepha awakho,

nolimi lwabo luphele ukoma;

mina Jehova ngiyakubaphendula,

mina Nkulunkulu ka-Israyeli angiyikubashiya.

18 Ngiyakuvula imifula emadulini angenalutho

nemithombo phakathi kwezigodi;

ngiyakwenza ihlane libe yichibi lamanzi,

nomhlabathi owomileyo ube yiziphethu zamanzi.

19 Ngiyakutshala umsedari* ehlane,

umtholo, nombomvana, nomnqumo,

ngibeke kwahlongasibi umsayipuresi,*

nomthidari,* nomkhoba kanyekanye,

20 ukuze babone, bazi,

baqaphele, baqonde kanyekanye

ukuthi isandla sikaJehova sikwenzile lokhu

nokuthi oNgcwele ka-Israyeli wakudala.

21 “Lethani indaba yenu,” usho uJehova,

“nisondeze izizathu zenu,” isho iNkosi kaJakobe.

22 “Mabazisondeze,

basitshele okuyakwenzeka;

izinto zakuqala ziyini na?

Mabasitshele zona

ukuba sizibeke ezinhliziyweni zethu,

sazi ukuphela kwazo,

noma nisizwise okuzayo.

23 Sitsheleni okuzayo ngesikhathi esizayo,

sazi ukuthi ningonkulunkulu;

yebo, yenzani okuhle noma okubi,

simangale, sikubone kanyekanye.

24 Bhekani, nivela kokungekho,

nemisebenzi yenu ayiyinto yalutho;

uyisinengiso onikhethileyo.

25 “Ukhona engimvusile esenyakatho,

wafika, nasempumalanga,

ukuba abize igama lami;

uyakwehlela phezu kwezikhulu njengaphezu kodaka,

njengombumbi exova ibumba.

26 Ngubani owakushoyo kwasekuqaleni ukuba sazi,

nangaphambili ukuba sisho sithi: ‘Uqinisile,’ na?

Cha, akakho okumemezileyo,

akakho nokuzwisileyo,

akakho nozwayo amazwi enu.

27 Ngingowokuqala othi kulo iSiyoni:

‘Bheka, babheke,’

nginike iJerusalema umbiki wendaba ethokozisayo.

28 Kepha lapho ngibheka,

akukho muntu,

akakho phakathi kwabo umluleki

ongaphendula ngazwi,

lapho ngibabuzayo.

29 Bheka, bayize bonke;

imisebenzi yabo ayiyinto yalutho,

nezithombe zabo ezibunjiweyo zingumoya nokuyize.