U-ISAYA 51

Ukukhululwa kuyasondela

1 “Ngilaleleni nina enilandela ukulunga,

nina enimfunayo uJehova;

bhekani kulo idwala eniqhezulwe kulo,

nakuyo imibhobo yomgodi enakhishwa kuyo.

2 Bhekani ku-Abrahama uyihlo,

nakuSara owanizalayo,

ngokuba eseyedwa ngambiza,

ngambusisa, ngamandisa.

3 Ngokuba uJehova uyakuliduduza iSiyoni,

aziduduze zonke izindawo zalo ezichithekileyo,

enze ihlane lalo libe njenge-Edene,

noqwathule lwalo lube njengensimu kaJehova;

injabulo nentokozo kuyakufunyanwa khona,

ukubonga nezwi lokuhlabelela.

4 “Ngizweni, bantu bami,

ningibekele indlebe nina sizwe sami,

ngokuba kuyakuphuma kimi umthetho,

ngibeke ukwahlulela kwami kube ngukukhanya kwabantu.

5 Ukulunga kwami kuseduze,

insindiso yami iphumile,

izingalo zami ziyakubahlulela abantu;

iziqhingi ziyangihlalela,

zilindela umkhono wami.

6 Phakamiselani amehlo enu ezulwini,

niwubheke umhlaba phansi,

ngokuba izulu liyakunyamalala njengomusi,

umhlaba uguge njengengubo,

nabakhileyo kuwo bafe njengezinsensane,

kepha insindiso yami iyakuma

kuze kube phakade,

nokulunga kwami akuyikuphela.

7 “Ngilaleleni nina enazi ukulunga,

abantu abamthetho wami usezinhliziyweni zabo;

ningesabi ukusolwa ngabantu,

ningapheli amandla ngezithuko zabo.

8 Ngokuba inundu iyakubadla njengengubo,

nebhu libadle njengoboya bezimvu,

kodwa ukulunga kwami kuyakuma kuze kube phakade,

nensindiso yami ezizukulwaneni ngezizukulwane.”

9 Vuka, vuka,

wembathe amandla wena mkhono kaJehova,

vuka njengasezinsukwini zasendulo,

ezizukulwaneni zamandulo.

Akusuwe owamnquma kabili uRahabi,

wamgwaza udrako,* na?

10 Akusuwe owomisa ulwandle,

amanzi asotweni olujulileyo,

owenza izinzulu zolwandle zaba yindlela

yokuba kuwele abahlengiweyo, na?

11 Abahlawulelweyo bakaJehova bayakubuya,

bafike eSiyoni bejabula;

intokozo engapheliyo iyakuba semakhanda abo,

bathole injabulo nentokozo,

usizi nokububula kubaleke.

12 “Yimina, yimi enginguye oniduduzayo;

ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo,

nendodana yomuntu eyakwenziwa ibe njengotshani, na?

13 Ukhohliwe uJehova uMenzi wakho

owaleneka izulu nowasibeka isisekelo somhlaba;

uthuthumele njalo izinsuku zonke

ngokufutheka komcindezeli

njengokungathi ozilungiselela ukuchitha;

kuphi ukufutheka komcindezeli na?

14 Othotshisiweyo uyakushesha ukukhululwa;

kayikufa, kayikwehlela egodini,

kayikuswela isinkwa sakhe.

15 NginguJehova uNkulunkulu wakho

ovusa ulwandle, ukuze amaza alo ahlokome;

nguJehova Sebawoti igama lakhe.

16 Ngiwabekile amazwi ami emlonyeni wakho,

ngikusibekele emthunzini wesandla sami,

ukuze ngiwatshale amazulu,

ngisibeke isisekelo somhlaba,

ngithi kulo iSiyoni:

‘Wena uyisizwe sami.’ ”

17 Vuka, vuka,

usukume wena Jerusalema

ophuzile esandleni sikaJehova

indebe yokufutheka kwakhe;

uphuzile isitsha sendebe yokutengezela,

wasiminya.

18 Akakho ongalihola phakathi kwawo

onke amadodana eliwazalileyo.

Akakho ongalibamba ngesandla

kuwo onke amadodana eliwakhulisileyo.

19 Lokhu kokubili kukwehlele;

ngubani okukhalelayo na?

Lapho kukhona incithakalo nokubhujiswa,

ukulamba nenkemba,

ngubani ongakududuza na?

20 Amadodana akho adangele,

alala ezihlokweni zezitaladi zonke,

njengewula esihibeni;

agcwele ukufutheka kukaJehova

nokukhuza kukaNkulunkulu wakho.

21 Ngalokho ake uzwe lokhu wena ohluphekayo

nodakiweyo, kungengewayini kodwa;

22 isho kanje iNkosi yakho

uJehova noNkulunkulu wakho

emela indaba yabantu, ithi:

“Bheka, ngiyithathile esandleni sakho

indebe yokutengezela;

yebo, isitsha sendebe yokufutheka kwami

awusayikusiphuza.

23 Ngiyakusibeka esandleni sabakuhluphayo,

abashoyo emphefumulweni wakho ukuthi:

‘Khothama, sidlule phezu kwakho;’

wawusuwubeka umhlane wakho

waba njengomhlabathi nesitaladi kwabadlulayo.”