UJEREMIYA 47

Isiprofetho ngamaFilisti

1 Izwi likaJehova elafika kuJeremiya umprofethi ngamaFilisti, uFaro engakanqobi iGaza.

2 Usho kanje uJehova, uthi:

“Bheka, amanzi ayenyuka enyakatho,

abe ngumfula okhukhulayo,

akhukhule izwe nokugcwala kwalo,

umuzi nabakhileyo kuwo;

abantu bayakukhala,

bonke abakhileyo ezweni bahhewule.

3 Ngomsindo wokudubhuza kwezinselo zamahhashi akhe anamandla,

nangokuduma kwezinqola zakhe,

nangodumo lwamasondo akhe

oyise ababheki emuva kubantwana

ngenxa yobuthakathaka bezandla zabo

4 ngenxa yosuku olufika ukuchitha onke amaFilisti

nokunquma eTire naseSidoni bonke abasizi abaseleyo,

ngokuba uJehova uyakuwachitha amaFilisti,

insali yesiqhingi saseKafitori.

5 Ubumpandla bulehlele iGaza;

i-Ashikeloni liphelile,

insali yesigodi sabo;

uyakuzisika kuze kube nini na?

6 “Awu wena nkemba kaJehova,

koze kube nini ungathuli na?

Buyela emgodleni wakho,

uthule, uzole.

7 Ingathula kanjani,

lapho iyalezwe nguJehova, na?

Uyinqumele i-Ashikeloni nogu lolwandle.”