UHOSEYA 9

Isiprofetho ngokuthunjwa

1 Ungajabuli, Israyeli,

kube ngukuthokoza njengokwabezizwe,

ngokuba umukile kuNkulunkulu wakho ngokufeba,

wathanda inkokhelo kuzo zonke izibuya zamabele.

2 Isibuya nesikhamo sewayini akuyikubafunza,

iwayini elisha liyakumkhohlisa.

3 Abayikuhlala ezweni likaJehova;

u-Efrayimi uyakubuyela eGibithe,

nase-Asiriya bayakudla okungcolileyo.

4 Abayikuthululela uJehova iwayini;

imihlatshelo yabo ayiyikuba mihle kuye,

isinkwa sabo sibe njengesinkwa sabalilayo;

bonke abasidlayo bayakungcola,

ngokuba isinkwa sabo siyakuba ngesephango,

singangeni endlini kaJehova.

5 Niyakwenze njani ngosuku lomhlangano

nangosuku lomkhosi kaJehova na?

6 Bhekani,

ngokuba bemukile ekuchithweni

iGibithe liyakubabutha,

iMofi libembele;

izinto zabo zamagugu zesiliva ziyakudliwa yizimbabazane,

kube ngameva ematendeni abo.

7 Ziyafika izinsuku zokuhanjelwa,

izinsuku zempindiselo zisondele;

u-Israyeli uyakukwazi.

Umprofethi uyakuba njengesiwula,

umuntu onomoya ahlanye ngenxa yobuningi bobubi bakho

nangobutha obukhulu;

8 umprofethi engumlindi ka-Efrayimi kanye noNkulunkulu wami,

ugibe lomthiyi wezinyoni lukuzo zonke izindlela zakhe,

nobutha busendlini kaNkulunkulu wakhe.

9 Bazonakalisile ngokujulileyo njengasezinsukwini zaseGibeya;

uyakhumbula ububi babo,

uyabahambela ngezono zabo.

10 “Ngamfumana u-Israyeli njengezithelo zomvini ehlane,

ngabona oyihlo njengolibo emkhiwaneni

ngesikhathi sawo sokuqala.

Kepha bafika eBali Peyori,

bazahlukanisela okunezinhloni,

baba yizinengiso njengalokho abakuthandayo.

11 Udumo luka-Efrayimi luyakundiza,

lumuke njengenyoni,

kungabikho ukuzala, nonesisu,

nokukhulelwa.

12 Noma bekhulisa abantwana babo,

nokho ngiyakubaphuca bona kungasali muntu;

yebo, maye kubo,

lapho ngimuka kubo!

13 U-Efrayimi, njengalokho ngibone eTire,

utshalwe endaweni emnandi,

kepha u-Efrayimi uyakukhiphela umbulali abantwana bakhe.

14 “Banike, Jehova uyakunikani?

Banike isisu esiphuphumayo namabele omileyo.

15 “Bonke ububi babo buseGiligali;

ngalokho ngabazonda khona;

ngenxa yobubi bezenzo zabo ngiyakubaxosha endlini yami,

angisayikubathanda;

zonke izikhulu zabo zingabahlubuki.

16 U-Efrayimi ushayiwe,

impande yabo yomile,

abayikuthela izithelo.

Noma bezala,

ngiyakubulala okuthandekayo kwesisu sabo.”

17 UNkulunkulu wami uyakubalahla,

ngokuba abamlalelanga,

babe ngabazulazulayo phakathi kwabezizwe.