UHOSEYA 11

Ukuthandwa kuka-Israyeli nguNkulunkulu

1 “Lapho u-Israyeli esengumntwana ngamthanda,

ngayibiza indodana yami iphume eGibithe.

2 Lapho bebabiza,

kwaba yilokhu besuka kubo;

babahlabela oBali,

bashisela izithombe ezibaziweyo impepho.

3 Nokho mina ngamcathulisa u-Efrayimi;

ngabaphatha ngezingalo zami,

kepha abazanga ukuthi ngabaphulukisa.

4 Ngabadonsa ngezintambo zomuntu,

ngamagoda othando;

ngaba kubo njengophakamisa ijoka entanyeni yabo,

ngagobela kubo, ngabanika ukudla.

5 “Abayikubuyela ezweni laseGibithe,

owase-Asiriya abe yinkosi yabo,

ngokuba benqaba ukubuya, na?

6 Inkemba iyakutheleka emizini yabo,

iqede imigoqo yayo,

ibadle ngenxa yeziluleko zabo.

7 Abantu bami bahlose ukuhlehla kimi;

noma bebabizela kongaPhezulu kangakanani,

akakho oziphakamisayo.

8 “Ngingakunikela kanjani, Efrayimi,

ngikukhaphele, Israyeli, na?

Ngingakwenza kanjani ube njenge-Adima,

ngikubeke ufane neSeboyimi, na?

Inhliziyo iyaphenduka phakathi kwami,

sonke isihawu sami sivusiwe.

9 Angiyikwenza ukufutheka kwentukuthelo yami,

ngingabuyeli ukumchitha u-Efrayimi,

ngokuba nginguNkulunkulu,

angisiye umuntu;

ngingoNgcwele phakathi kwenu,

angiyikufika ngolaka.

10 Bayakulandela uJehova oyakubhonga njengengonyama,

ngokuba uyakubhonga,

abantwana bakhe bavele entshonalanga ngokuthuthumela.

11 Bayakuvela ngokuthuthumela eGibithe njengezinyoni,

nanjengejuba ezweni lase-Asiriya,

ngibahlalise ezindlini zabo,” usho uJehova.

12 U-Efrayimi ungizungezile ngamanga,

nendlu yakwa-Israyeli ngenkohliso;

uJuda usazulazula kuNkulunkulu nakoNgcwele othembekileyo.