UHOSEYA 13

UNkulunkulu ulusizo olulodwa luka-Israyeli

1 Lapho u-Efrayimi ekhuluma,

kwavela ukuthuthumela;

wayephakeme kwa-Israyeli,

kepha wazitholela icala ngoBali, wafa.

2 Manje benezela ekoneni,

bazenzele imifanekiso ebunjiweyo ngesiliva labo

nezithombe ngokuqonda kwabo,

zonke ziyimisebenzi yezinyanga;

bakhuluma ngabo, bathi:

“Bahlaba abantu,

kepha banga amathole.”

3 Ngalokho bayakuba njengamafu okusa,

nanjengamazolo amuka ekuseni,

nanjengamakhoba aphephethwa esibuyeni

nomusi ophuma ngefasitele.

4 “Nokho nginguJehova uNkulunkulu wakho

kwasezweni laseGibithe;

ngaphandle kwami awazi Nkulunkulu,

nomsindisi akakho ngaphandle kwami.

5 Mina ngakwazi ehlane ezweni lokoma.

6 Basutha njengamadlelo abo;

basutha, nenhliziyo yabo yaphakama;

ngalokho bangikhohliwe.

7 Ngase ngiba njengengonyama kubo,

ngiqamekela endleleni njengengwe.

8 Ngitheleka phezu kwabo njengebhere*

elaphuciwe amawundlu alo,

ngidwengula ubhedu lwenhliziyo,

ngibadle njengengonyamakazi,

isilwane sasendle sibaqaqe.

9 “Ngukuchithwa kwakho, Israyeli,

ngokuba uphambene nami,

usizo lwakho.

10 Iphi inkosi yakho manje

ukuba ikusindise emizini yakho yonke;

nabahluleli bakho, wena owathi:

‘Ngiphe inkosi nezikhulu’?

11 Ngikunike inkosi ngentukuthelo yami,

ngayisusa ngolaka lwami.

12 Ububi buka-Efrayimi buboshiwe,

isono sakhe sibekelelwe.

13 Imihelo yobelethayo iyakumehlela;

uyindodana engahlakaniphile,

ngokuba kuyisikhathi sokuba angemi lapho kuqhamuka abantwana.

14 “Ngiyakubahlenga esandleni sendawo yabafileyo,

ngibahlawulele ekufeni;

ziphi izifo zakho, kufa,

kuphi ukuchitha kwakho,

ndawo yabafileyo, na?

Ukuguquka kufihlekile emehlweni ami.

15 “Noma enezithelo phakathi kwabafowabo,

kuyakufika umoya wasempumalanga,

umoya kaJehova ovela ehlane;

besewujabha umthombo,

isiphethu sishe;

uyakuphanga ingcebo yakhe,

zonke izinto ezinxanelekayo.

16 ISamariya liyakuthwala icala lalo,

ngokuba lihlubukile uNkulunkulu walo;

bayakuwa ngenkemba,

izingane zabo zichotshozwe,

abakhulelweyo babo baqaqwe.”