U-AMOSE 2

1 Usho kanje uJehova, uthi:

“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwaMowabi,

yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,

ngokuba washisa amathambo enkosi yakwa-Edomi

aba ngumcako.

2 Kepha ngiyakuthuma umlilo kwaMowabi,

uqede izindlu zamakhosi zaseKeriyote,

uMowabi afe ngokuxokozela,

nangokumemeza,

nangokukhala kwecilongo.

3 Ngiyakunquma umahluleli phakathi kwakhe,

ngibulale zonke izikhulu zakhe kanye naye,” usho uJehova.

4 Usho kanje uJehova, uthi:

“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwaJuda,

yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,

ngokuba bawulahlile umthetho kaJehova,

abagcinanga izimiso zakhe,

namanga abo abadukisile,

abawalandelayo nawoyise.

5 Kepha ngiyakuthuma umlilo kwaJuda,

uqede izindlu zamakhosi zaseJerusalema.”

6 Usho kanje uJehova, uthi:

“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwa-Israyeli,

yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,

ngokuba bathengisile olungileyo ngesiliva,

nompofu ngamabhangqa ezicathulo.

7 Bazondelela amakhanda abampofu ukuba abe sothulini lomhlabathi,

bachezukisa indlela yabathobileyo;

indoda noyise baya entombininye,

ukuze balihlambalaze igama lami elingcwele,

8 bacambalale ezingutsheni ezithathwe zaba yisibambiso

eceleni kwawo onke ama-altare,

baphuze iwayini labahlawulisiweyo endlini kaNkulunkulu wabo.

9 “Nokho mina ngachitha ama-Amori ebusweni babo,

akuphakama kwawo kwakunjengokuphakama kwemisedari,*

ayenamandla njengama-oki;*

kepha ngachitha nokho izithelo zawo phezulu

nezimpande zawo phansi.

10 “Futhi mina nganikhuphula ezweni laseGibithe,

nganihambisa iminyaka engamashumi amane ehlane

ukuba nidle ifa lezwe lama-Amori.

11 Ngavusa kumadodana enu abaprofethi

nasezinsizweni zenu amaNaziri.*

Akunjalo, nina bantwana bakwa-Israyeli, na?” usho uJehova.

12 “Kepha naphuzisa amaNaziri iwayini,

ngokuthi: ‘Ningaprofethi.’

13 “Bhekani, ngiyakunicindezela endaweni yenu

njengengqukumbane icindezela,

igcwele izithungu.

14 Onejubane uyakuswela ukubaleka;

onamandla akayikuqinisa amandla akhe,

neqhawe aliyikuzikhulula.

15 Obambe umnsalo akayikuma;

onejubane ngezinyawo zakhe kayikuzikhulula,

nokhwele ihhashi akayikuzikhulula;

16 onesibindi phakathi kwamaqhawe

uyakubaleka ze ngalolo suku,” usho uJehova.