UJONA 2

Umkhuleko kaJona

1 UJona wakhuleka kuJehova uNkulunkulu wakhe esezibilinini zenhlanzi,

2 wathi:

“Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuJehova,

wangiphendula;

ngisesiswini sendawo yabafileyo ngamemeza,

wezwa izwi lami.

3 Wangiphonsa ekujuleni,

enhliziyweni yolwandle,

umfula wangihaqa;

onke amadlambi akho namaza akho adlula phezu kwami.

4 Ngathi mina:

‘Ngixoshiwe emehlweni akho;’

nokho ngiyakubuye ngibheke ithempeli lakho elingcwele.

5 Amanzi angihaqa kwaze kwaba nasekuphileni kwami,

utwa lwangikaka.

Umhlanga wathandela ekhanda lami.

6 Ngehla ngasemikhawulweni yezintaba;

imigoqo yomhlaba yayisemva kwami kuze kube phakade.

Kepha wakhuphula ukuphila kwami egodini,

Jehova Nkulunkulu wami.

7 “Lapho umphefumulo wami waphela amandla phakathi kwami,

ngamkhumbula uJehova;

umkhuleko wami wangena kuwe ethempelini lakho elingcwele.

8 “Abagcina okungumoya nokuyize nje bashiya Othembekile kubo.

9 Kepha mina ngiyakukuhlabela ngezwi lokudumisa,

ngigcwalise engikuthembisileyo.

Ukusindiswa kukuye uJehova.”

10 UJehova wakhuluma kuyo inhlanzi, yamhlanzela uJona emhlabathini owomileyo.