UMIKA 1

Ukwahlulelwa kukaJuda no-Israyeli

1 Izwi likaJehova elafika kuMika waseMoresheti ezinsukwini zikaJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda, owalibona ngeSamariya neJerusalema.

2 Zwanini, bantu bonke,

uqaphele, mhlaba nokugcwala kwakho,

iNkosi uJehova ibe ngufakazi ngani,

iNkosi isethempelini layo elingcwele.

3 Ngokuba bhekani, uJehova uphuma endaweni yakhe,

ehle, anyathele ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba.

4 Izintaba ziyakuncibilika phansi kwakhe,

nezigodi ziyakuqhekezeka

njengengcina phambi komlilo,

njengamanzi athululwe emaweni.

5 Konke lokhu kungenxa yesiphambeko sikaJakobe

nangezono zendlu yakwa-Israyeli.

Siyini isiphambeko sikaJakobe?

Asiyilo iSamariya na?

Ziyini izindawo eziphakemeyo zakwaJuda?

Aziyilo iJerusalema na?

6 “Ngiyakwenza iSamariya libe yizihlephu zasendle

nendawo yokutshala izivini,

ngiqulele amatshe alo esigodini,

ngambule isisekelo salo.

7 Zonke izithombe zalo ezibaziweyo ziyakwaphulwa,

nakho konke elikukhokhelweyo kuyakushiswa ngomlilo,

nayo yonke imifanekiso ngiyakuyenza ukuba ibe yincithakalo,

ngokuba likuqoqile ngenkokhelo yobufebe;

kuyakubuye kube yinkokhelo yobufebe.”

8 Ngenxa yalokho ngiyakukhala,

ngihhewule,

ngihambe ngihlutshuliwe,

ngihamba ze;

ngenze isililo njengamakhanka,

ngikhale njengezintshe.

9 Ngokuba amanxeba alo awanakuphulukiswa,

lokhu sekufikile nakwaJuda,

kufinyelela esangweni labantu bami naseJerusalema.

10 Ningakulandisi eGati, ningakhali e-Akha;

eBeti Afera huquzelani othulini.

11 Dlulani nina enakhileyo eShafiri ngobunqunu nangehlazo;

abakhe eSawanani abaphumi;

ukukhala kwaseBeti Eseli akunivumeli ukuhlala khona.

12 Ngokuba abakhe eMaroti banemihelo ngokuhle,

lokhu okubi kwehlile kuvela kuJehova,

kwafika esangweni laseJerusalema.

13 Bophelani enqoleni ihhashi elinejubane,

nina enakhileyo eLakishi;

lona lalingukuqala kwezono kuyo indodakazi yaseSiyoni,

ngokuba iziphambeko zakwa-Israyeli zafunyanwa kuwe.

14 Ngalokho uyakupha iMoresheti Gati isipho sokuvalelisana;

izindlu zase-Akizibi ziyakuba yinkohliso kuwo amakhosi akwa-Israyeli.

15 Ngisezakwehlisa phezu kwenu

enakhileyo eMaresha oyakunidla:

udumo luka-Israyeli luyakufika e-Adulamu.

16 Ziphucule,

zigunde ngenxa yabantwana bokwenama kwakho,

wandise ubumpandla bakho njengenqe,

ngokuba bayakuthunjwa kuwe.