UNAHUME 1

Ukushisekela kukaNkulunkulu nomusa wakhe

1 Isiprofetho ngeNineve, incwadi yombono kaNahume wase-Elikoshi.

2 UJehova unguNkulunkulu

oshisekelayo nophindiselayo;

uJehova uyaphindisela,

ugcwele ukufutheka;

uJehova uphindisela kwabamelene naye,

ugcinela izitha zakhe intukuthelo.

3 UJehova wephuza ukuthukuthela,

mkhulu ngamandla,

akenzi onecala abe msulwa;

uJehova unendlela yakhe esivunguvungwini nasesiphephweni,

namafu ayibhuqu lezinyawo zakhe.

4 Uyakhuza ulwandle, alomise,

ashise nemifula yonke;

iBashani liyawuma kanye neKarmeli,

nezimbali zaseLebanoni ziyabuna.

5 Izintaba ziyathuthumela phambi kwakhe,

amagquma ayancibilika;

umhlaba uyaphakama ebusweni bakhe,

yebo, nakho konke okuhlala kuwo.

6 Ngubani ongema ebusweni bentukuthelo yakhe na?

Ngubani ongema ekufuthekeni kolaka lwakhe na?

Ukufutheka kwakhe kuthululiwe njengomlilo,

namadwala ayaqhekezeka phambi kwakhe.

7 UJehova muhle, uyinqaba ngosuku lwenhlupheko,

uyabazi abaphephela kuye.

8 Kepha ngesikhukhula esiphuphumayo

uyakuqeda indawo yakhona,

axoshele izitha zakhe ebumnyameni.

9 Enikucebayo ngoJehova uyakuqeda yena;

ukuhlupheka akuyikuvela ngokwesibili.

10 Lapho bethandela njengameva,

benjengabaminzileyo ophuzweni lwabo,

bayakuqedwa nokuqedwa njengamabibi omileyo.

11 Kuphume kuwe owamcebela uJehova okubi,

wanika isiluleko esibi.

12 Usho kanje uJehova, uthi:

“Noma benamandla, futhi bebaningi,

nokho bayakuqedwa, banyamalale;

noma ngikuhluphile,

angisayikukuhlupha.

13 Sengiyakulaphula ijoka eliphezu kwakho,

ngigqabule izibopho zakho.”

14 Kepha uJehova uyalezile ngawe

ukuthi akusayikuhlwanyelwa okwegama lakho;

endlini yawonkulunkulu bakho ngiyakunquma

izithombe ezibaziweyo nezibunjiweyo;

ngiyakulungisa ithuna lakho,

ngokuba awuyinto yalutho.

15 Bheka ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle,

omemezela ukuthula.

Gubha imikhosi yakho, Juda,

ugcwalise izithembiso zakho,

ngokuba omubi akasayikudabula kuwe;

unqunyiwe ngokupheleleyo.