UJobe uphendula inkulumo yesibili ka-Elifazi: uyahlupheka engenacala; ezulwini kukhona ufakazi
1 Wayesephendula uJobe, wathi:
2 “Ngizwile izinto eziningi ezinjalo;
nina nonke ningabaduduzi ababi.
3 Amazwi angumoya nje awayikuphela yini?
Ucunulwa yintoni ukuba uphendule na?
4 Nami ngingakhuluma njengani;
uma imiphefumulo yenu ibisesikhundleni
somphefumulo wami,
bengiyakuhlanganisa amazwi ngani,
ngininikinele ikhanda lami.
5 Benginganiqinisa ngomlomo,
induduzo yezindebe zami inidambise.
6 “Noma ngikhuluma,
ubuhlungu bami abudanjiswanga;
noma ngiyeka,
kuyini okumuka kimi na?
7 Kepha manje ungikhathazile,
uyichithile yonke indlu yami.
8 Ungicindezele, kungubufakazi;
ukonda kwami kuyangivukela,
kufakaze ebusweni bami.
9 Ulaka lwakhe luyangidwengula,
lungizingele;
uyangigedlela amazinyo;
isitha sami singicijisela amehlo aso.
10 Bangikhamisela imilomo yabo,
bangimukula esihlathini ngenhlamba,
bangihlanganyela.
11 UNkulunkulu uyanginikela kubantu abonakeleyo,
angiphonse esandleni sababi.
12 Ngangihlezi kahle, wangichoboza;
wangibamba ngentamo,
wangiphahlaza;
wangimisa ngibe yisigcibisholo.
13 Abacibishelayo bakhe bangihaqa;
uyaqhekeza izinso zami engenasihawu;
uchithela inyongo yami emhlabathini.
14 Uyangidiliza nokudiliza futhifuthi,
angidumele njengeqhawe.
15 “Ngithungile indwangu yamasaka phezu kwesikhumba sami.
ngingcolisile uphondo lwami othulini.
16 Ubuso bami bubomvu ngokukhala;
ezinkosheni zami kukhona ithunzi lokufa,
17 noma kungekho ubudlova ezandleni zami
nokukhuleka kwami kulungile.
18 Mhlaba, ungathukusi igazi lami;
ukukhala kwami makungabi nandawo.
19 Namanje bheka,
ufakazi wami usezulwini;
ummeli wami usezindaweni eziphakemeyo.
20 Abangane bami bayangiklolodela;
iso lami liphophoza izinyembezi kuNkulunkulu
21 ukuba amphikele umuntu kuNkulunkulu
nendodana yomuntu kumakhelwane wayo.
22 Ngokuba iyingcosana iminyaka eyakubalwa,
ngingakahambi indlela engingayikubuya kuyo.