UJOBE 16

UJobe uphendula inkulumo yesibili ka-Elifazi: uyahlupheka engenacala; ezulwini kukhona ufakazi

1 Wayesephendula uJobe, wathi:

2 “Ngizwile izinto eziningi ezinjalo;

nina nonke ningabaduduzi ababi.

3 Amazwi angumoya nje awayikuphela yini?

Ucunulwa yintoni ukuba uphendule na?

4 Nami ngingakhuluma njengani;

uma imiphefumulo yenu ibisesikhundleni

somphefumulo wami,

bengiyakuhlanganisa amazwi ngani,

ngininikinele ikhanda lami.

5 Benginganiqinisa ngomlomo,

induduzo yezindebe zami inidambise.

6 “Noma ngikhuluma,

ubuhlungu bami abudanjiswanga;

noma ngiyeka,

kuyini okumuka kimi na?

7 Kepha manje ungikhathazile,

uyichithile yonke indlu yami.

8 Ungicindezele, kungubufakazi;

ukonda kwami kuyangivukela,

kufakaze ebusweni bami.

9 Ulaka lwakhe luyangidwengula,

lungizingele;

uyangigedlela amazinyo;

isitha sami singicijisela amehlo aso.

10 Bangikhamisela imilomo yabo,

bangimukula esihlathini ngenhlamba,

bangihlanganyela.

11 UNkulunkulu uyanginikela kubantu abonakeleyo,

angiphonse esandleni sababi.

12 Ngangihlezi kahle, wangichoboza;

wangibamba ngentamo,

wangiphahlaza;

wangimisa ngibe yisigcibisholo.

13 Abacibishelayo bakhe bangihaqa;

uyaqhekeza izinso zami engenasihawu;

uchithela inyongo yami emhlabathini.

14 Uyangidiliza nokudiliza futhifuthi,

angidumele njengeqhawe.

15 “Ngithungile indwangu yamasaka phezu kwesikhumba sami.

ngingcolisile uphondo lwami othulini.

16 Ubuso bami bubomvu ngokukhala;

ezinkosheni zami kukhona ithunzi lokufa,

17 noma kungekho ubudlova ezandleni zami

nokukhuleka kwami kulungile.

18 Mhlaba, ungathukusi igazi lami;

ukukhala kwami makungabi nandawo.

19 Namanje bheka,

ufakazi wami usezulwini;

ummeli wami usezindaweni eziphakemeyo.

20 Abangane bami bayangiklolodela;

iso lami liphophoza izinyembezi kuNkulunkulu

21 ukuba amphikele umuntu kuNkulunkulu

nendodana yomuntu kumakhelwane wayo.

22 Ngokuba iyingcosana iminyaka eyakubalwa,

ngingakahambi indlela engingayikubuya kuyo.