UJobe ukhala ukuthi abangenakuzivikela bayahlushwa
1 “Kungani ukuba uSomandla
angazibekeleli izikhathi zokwahlulela,
abamaziyo babone imihla yakhe, na?
2 Imincele iyasuswa;
bahlwitha imihlambi, bayiklabise.
3 Bamukisa imbongolo yezintandane,
nenkomo yomfelokazi bayayithatha ibe yisibambiso.
4 Bafuzula abaswelayo endleleni;
abampofu bomhlaba bacasha ndawonye.
5 Bheka, njengezimbongolo ehlane
bayaphumela emisebenzini yabo befunisisa ukudla;
ihlane lingukudla kwabo abakunika abantwana babo.
6 Emasimini bavuna ifoliji;*
bakhothoza esivinini somubi.
7 Ebusuku balala nqunu bengenangubo,
bengenanto yokuzisibekela emakhazeni.
8 Bamanzi ngezihlambi zasezintabeni;
basingatha idwala bengenasiphephelo.
9 Intandane ihlwithwa ebeleni,
nengane yompofu ithathwa ibe yisibambiso,
10 bahambe nqunu bengenangubo,
bethwele izithungu, belambile.
11 Benza amafutha phakathi kwezingange zabahluphi;
banyathela izikhamo zewayini,
kepha bayoma.
12 Bexoshwe emzini abafayo bayabubula;
imiphefumulo yabalimeleyo iyakhala,
kepha uNkulunkulu akanaki lokho okubi.
13 “Bakhona abakuhlubukile ukukhanya;
abazi indlela yakho,
abanamatheli emikhondweni yakho.
14 Umbulali uvuka ekuseni,
abulale ompofu noswelayo;
ebusuku unjengesela.
15 Iso lesiphingi libheka ukuhlwa
ngokuthi: ‘Malingangiboni iso,’
sisithe ubuso baso.
16 Bafohla izindlu sekumnyama;
emini bayazivalela;
ukukhanya abakwazi.
17 Ngokuba ithunzi lokufa kubo bonke labo linjengokusa,
lokhu beyazi ingebhe yethunzi lokufa.
18 “Banejubane ebusweni bamanzi;
izabelo zabo ziqalekisiwe emhlabeni;
abasayikuphendukela endleleni yezivini.
19 Ukoma nokushisa kuyaqeda amanzi eqhwa;
kanjalo indawo yabafileyo labo abonileyo.
20 Isizalo siyamkhohlwa;
izimpethu ziyamsobozela;
akasayikukhunjulwa;
ukungalungi kuyaphulwa njengomuthi.
21 Uyayidla inyumba engazaliyo;
akenzeli umfelokazi okuhle.
22 Uyadonsa namaqhawe ngamandla akhe;
uyavuka; akakho osenethemba lokuphila.
23 UNkulunkulu uyamnika ukuba alondeke, asekelwe;
kepha amehlo akhe aphezu kwezindlela zabo.
24 Bayaphakanyiswa;
emva kwesikhashana abasekho;
bayaphela njengabanye, bafe;
babuna njengezihloko zezikhwebu.
25 “Uma kungenjalo,
ngubani ongangenza onamanga,
awenze ize amazwi ami, na?”