Inkulumo yesithathu kaBilidadi: akukho okuhlambulukile emehlweni kaNkulunkulu
1 Wayesethatha uBilidadi umShuhi, wathi:
2 “Ukubusa nokwesabeka kukuye
owenza ukuthula ezindaweni zakhe eziphakemeyo.
3 Ukhona yini ongabala izimpi zakhe,
nokukhanya kwakhe akuphumeli bani na?
4 Pho, umuntu angalunga kanjani kuNkulunkulu,
nozelwe ngowesifazane angahlambuluka kanjani, na?
5 Bheka, nenyanga ayinankazimulo,
nezinkanyezi azihlambulukile emehlweni akhe.
6 Pho, kakhulu kangakanani umuntu oyimpethu,
nendodana yomuntu eyisibungu, na?”