UJOBE 25

Inkulumo yesithathu kaBilidadi: akukho okuhlambulukile emehlweni kaNkulunkulu

1 Wayesethatha uBilidadi umShuhi, wathi:

2 “Ukubusa nokwesabeka kukuye

owenza ukuthula ezindaweni zakhe eziphakemeyo.

3 Ukhona yini ongabala izimpi zakhe,

nokukhanya kwakhe akuphumeli bani na?

4 Pho, umuntu angalunga kanjani kuNkulunkulu,

nozelwe ngowesifazane angahlambuluka kanjani, na?

5 Bheka, nenyanga ayinankazimulo,

nezinkanyezi azihlambulukile emehlweni akhe.

6 Pho, kakhulu kangakanani umuntu oyimpethu,

nendodana yomuntu eyisibungu, na?”