UJobe uphendula inkulumo yesithathu kaBilidadi: uyabazi naye ubukhulu bukaNkulunkulu njengoBilidadi
1 Wayesephendula uJobe, wathi:
2 “Usizile kanjani ongenamandla!
Usindisile kanjani ingalo engenamandla?
3 Umlulekile kanjani ongenakuhlakanipha!
Umemezile kangakanani ukuqonda!
4 Utshelwe ngubani lawo mazwi,
nomoya kabani waphuma kuwe, na?
5 “Izithunzi ziyathuthumela
phansi kwamanzi kanye nabakhelwane bawo.
6 Indawo yabafileyo ize phambi kwakhe,
nendawo yokubhubha ayinasisibekelo.
7 Welula inyakatho phezu kwendawo engenalutho;
uphanyeka umhlaba phezu kweze.
8 Ubopha amanzi emafwini akhe;
ifu alidabuki phansi kwawo.
9 Uyasibekela ubuso besihlalo sakhe sobukhosi;
uyeneka ifu lakhe phezu kwaso.
10 Uyingiliza ngomudwa phezu kobuso bamanzi,
kuze kuphele ukukhanya ebumnyameni.
11 Izinsika zezulu ziyathuthumela;
ziyethuswa ngokukhuza kwakhe.
12 Ngamandla akhe uyanyakazisa amanzi;
ngokuqonda kwakhe uyachitha uRahabi.
13 Ngokuphefumula kwakhe izulu liyakhazimula;
isandla sakhe sigwazile inyoka esheshayo.
14 Bheka, lokhu kungamaphethelo nje ezindlela zakhe,
izwi lokunyenyeza nje elizwakalayo ngaye;
indumo yamandla akhe,
ngubani obeyakuyiqonda na?”