AMAHUBO 1

Indlela yabalungileyo nendlela yababi

1 Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeziluleko zababi,

ongemi endleleni yezoni,

ongahlali enkundleni yabaklolodayo,

2 kepha okuthokoza kwakhe kusemthethweni kaJehova,

ozindla ngomthetho wakhe imini nobusuku.

3 Unjengomuthi otshaliwe ngasemifuleni yamanzi,

othela isithelo sawo ngesikhathi sawo,

oqabunga lawo lingabuni,

nakho konke akwenzayo uyakuba nenhlanhla kukho.

4 Ababi abanjalo,

kepha banjengamakhoba aphephethwa ngumoya.

5 Ngalokho ababi abayikuma ekwahlulelweni,

nezoni ebandleni labalungileyo.

6 Ngokuba uJehova uyayazi indlela yabalungileyo,

kodwa indlela yababi yobhubha.