Ukunxusa uJehova ukuba avikele abazingelwayo
IShigayoni* likaDavide alihubela uJehova ngenxa yamazwi kaKushe wakwaBenjamini.
1 Jehova, Nkulunkulu wami,
ngiyaphephela kuwe;
2 ngisindise kubo bonke abangizingelayo,
ungikhulule,
bangaze bawudwengule umphefumulo wami njengengonyama
eklebhula, kungekho okhululayo.
3 Jehova Nkulunkulu wami,
uma ngikwenzile lokho,
uma kukhona okubi ezandleni zami,
4 uma ngiphindise okubi kohlalisene nami ngokuthula,
ngaphanga isitha sami kungekho sici,
5 isitha masiwuzingele umphefumulo wami, siwufice,
sikunyathele phansi ukuphila kwami,
nesithunzi sami sisilahle phansi othulini.Sela*
6 Sukuma, Jehova, ngentukuthelo yakho,
uvuke ngenxa yolaka lwezitha zami, ungimele;
ngokuba uyalezile ukwahlulela.
7 Umhlangano wezizwe mawukuphahle,
ubuyele phezulu ngaphezu kwawo.
8 UJehova uyahlulela izizwe;
ngahlulele, Jehova,
ngokulunga kwami nangobuqotho bami obukimi.
9 Makuphele ukonakala kwababi,
kepha olungileyo mawumqinise.
Nguwe phela ohlola izinhliziyo nezinso,
Nkulunkulu olungileyo.
10 Isihlangu sami sikuNkulunkulu
osindisa abaqotho ngenhliziyo.
11 UNkulunkulu ungumahluleli olungileyo;
unguNkulunkulu othukuthela imihla yonke.
12 Uma umuntu engaphenduki,
uyakulola inkemba yakhe,
ansale umnsalo wakhe, awulungisele,
13 izikhali zokubulala azibhekisele kuye;
imicibisholo uyenza ishise.
14 Unemihelo ngobubi;
ukhulelwe ngukona, uzala amanga.
15 Umgodi uwumba, uwugubha,
kepha ukhalakathela egebeni alenzileyo.
16 Ukwelelesa kwakhe kubuyela ekhanda lakhe;
ubudlwangudlwangu bakhe behlela okhakhayini lwakhe.
17 Ngizakumbonga uJehova ngokokulunga kwakhe,
ngihubele igama likaJehova oPhezukonke.