UJehova ungumsizi wabamelana namashayakhothe
Kumholi wokuhlabelela. NgeSheminiti.* Ihubo likaDavide.
1 Siza, Jehova,
ngokuba owesaba uNkulunkulu akasekho,
ngokuba banyamalele abathembekileyo kubantwana babantu.
2 Bakhuluma amanga,
kwaba yilowo nalowo kumakhelwane wakhe;
ngezindebe ezithophayo bakhuluma nganhliziyombili.
3 UJehova uyakunquma zonke izindebe ezithophayo,
ulimi olukhuluma amazwi amakhulu,
4 abathi: “Siyakunqoba ngolimi lwethu;
izindebe zethu zinathi;
ngubani oyinkosi phezu kwethu na?”
5 “Ngenxa yokubandezeka kwabahluphekileyo
nangokububula kwabampofu
ngizakuvuka kalokhu,” usho uJehova,
“ngimbeke ekusindisweni akulangazelelayo.”
6 Amazwi kaJehova angamazwi ahlanzekileyo,
anjengesiliva elihlanjululwe esithandweni emhlabathini,
lihlanjululwe kasikhombisa.
7 Wena Jehova uyakubagcina,
ubavikele kulesi sizukulwane kuze kube phakade.
8 Abangamesabi uNkulunkulu bayashanguza nxazonke,
lapho amanyala ephakeme kubantwana babantu.